Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 7:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe ezizukulwaneni eziyinkulungwane;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Yazi-ke ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano somusa kwabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 7:9
41 Referans Kwoze  

Masibambe isivumo sokholo lwethu, singantengantengi; (ngokuba uthembekile lowo owethembisayo;)


Uma singakholwa, yena uhlala ethembekile, angeziphike.


Kodwa iNkosi ithembekile, ezaliqinisa, ililondoloze kokubi.


Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami, ngenza isivumo sami, ngathi: “Jehova, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, gcina isivumelwano nesihawu kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe;


UNkulunkulu uthembekile, yena nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu.


wathi: “Ngiyakhuleka kuwe Jehova Nkulunkulu wezulu, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nesihawu kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe.


Uthembekile onibizayo, oyakukwenza futhi.


Njalo siyazi ukuthi konke kusebenzelana kube ngokuhle kwabamthandayo uNkulunkulu, ababiziweyo ngecebo lakhe.


Futhi ngibonise umusa ezinkulungwaneni zalabo abangithandayo futhi bagcine imiyalo yami.


Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile, ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.


Usho kanje uJehova, uMhlengi ka-Israyeli, noNgcwele wakhe, kuye odelela umuntu, kuye isizwe esimenyanyayo, encekwini yezikhulu: Amakhosi ayakubona lokhu, asukume, nezikhulu zikhuleke ngenxa yalokho. KaJehova othembekileyo noNgcwele ka-Israyeli, uyakunikhetha.


Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni, ngokuba lapho esevivinyiwe uyakwamukeliswa umqhele wokuphila iNkosi ewuthembisile kwabayithandayo.


Kodwa njengoba uNkulunkulu eqinisile, ilizwi lethu kini lalingesiye uyebo loqhabo.


Futhi ngihawukele izinkulungwane zalabo abangithandayo futhi bagcine imiyalo yami.


Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu kuwe nakuyo inzalo yakho emva kwakho.


ukuze, ngezinto ezimbili ezingaphendukiyo, okungekwenzeki ukuthi uNkulunkulu aqambe amanga ngazo, sibe lenduduzo elamandla thina esibalekeleyo ukuze sibambe ithemba elibekwe phambi kwethu;


Ngiyazi, Jehova, ukuthi izahlulelo zakho zilungile, nokuthi ungicindezele ngokwethembeka.


Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa, esedlulelwe yisikhathi, wabeletha, ngokuba wathi ukholekile owethembisileyo.


Lokhu sekwaziwe kini, ukuze nazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu; akakho omunye ngaphandle kwakhe.


ethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongenakuqamba amanga akuthembisa kungakabikho umhlaba;


Bonke badla ukudla okufanayo kokomoya;


Kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.


Khumbulani njalo isivumelwano sakhe; izwi ayala ngalo ezizukulwaneni eziyinkulungwane;


Zintsha njalo ekuseni: kukhulu ukuthembeka kwakho.


Owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, ogcina iqiniso kuze kube phakade;


Ngiyakukhumbula isivumelwano sami esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke; futhi amanzi ngeke esaba uzamcolo wokubhubhisa yonke inyama.


Bheka, nginawe, ngiyakukugcina ezindaweni zonke oya kuzo, ngikubuyisele kuleli zwe; ngoba kangiyikukutshiya ngize ngenze lokho engikukhulume kuwe.


UJehova uyabekezela, unomusa omkhulu, othethelela ububi neziphambeko, angahlambululi onecala nangayiphi indlela, ahambele ububi bawoyise kubantwana kuze kube isizukulwane sesithathu nesesine.


Yazi-ke namuhla, ukubeke enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu phezulu ezulwini naphansi komhlaba; akekho omunye.


Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe ziwukulunga; uNkulunkulu weqiniso ongenabubi, ulungile, ulungile yena.


Ingelosi kaJehova yenyuka isuka eGiligali, yaya eBogimi, yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nganingenisa ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: Angisoze ngaphula isivumelwano sami nani.


Wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho uNkulunkulu onjengawe ezulwini naphansi emhlabeni, ogcina isivumelwano nomusa ezincekwini zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo.


wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho uNkulunkulu onjengawe ezulwini nasemhlabeni; ogcina isivumelwano nohawukela izinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo.


Kulabo abagcina isivumelwano sakhe nalabo abakhumbula imiyalo yakhe ukuba bayenze.


Wasikhumbula isivumelwano sakhe kuze kube phakade, izwi ayala ngalo ezizukulwaneni eziyinkulungwane.


Wena uhawukela izinkulungwane, uphindisele ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo: oMkhulu, uNkulunkulu onamandla, uJehova Sebawoti, igama lakhe,


Bhekani manje ukuthi ngiyilokhu nokuthi akakho unkulunkulu ngaphandle kwami. Ngiyabulala, ngiphilise; ngiyalimaza, ngipholise, akakho ongophula esandleni sami.


Mazibhubhe zonke izitha zakho, Jehova, kepha abamthandayo mababe njengelanga lapho liphuma ngamandla alo. Izwe laphumula iminyaka engamashumi amane.


Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa, makungabi kuncane konke ukuhlupheka phambi kwakho osehlele, phezu kwamakhosi ethu, naphezu kwezikhulu zethu, naphezu kwabapristi bethu. Naphezu kwabaprofethi bethu, naphezu kwawobaba, naphezu kwabo bonke abantu bakho, kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu; Ukwahlulela kwakho kungukujula okukhulu; O Jehova, uvikela abantu nezilwane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite