Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 6:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Nansi imiyalo, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu aniyala ngakho ukuba nizifundiswe, nizenze ezweni eningena kulo ukulidla;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Nansi imiyalo, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu ayala ukuba nifundiswe khona, nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Nanku umyalelo, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wenu ayala ukuba nikufundiswe, futhi nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 6:1
16 Referans Kwoze  

Zwana-ke, Israyeli, izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


Lezi ziyizimiso nezahlulelo eniyakuzigcina ukuba nizenze ezweni uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akunika lona ukuba ulidle zonke izinsuku zokuphila kwenu emhlabeni.


Lezi ziyibufakazi, nezimiso, nezahlulelo uMose azikhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe;


Kepha wena, yima lapha nami, futhi ngiyakukhuluma kuwe yonke imiyalo, nezimiso, nezahlulelo oyakubafundisa zona, ukuze bakwenze ezweni engibanika lona ukuba balidle.


Le yimiyalo uJehova uMose eyayala ngayo abantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi.


Inceku yami uDavide iyakuba yinkosi phezu kwabo; futhi bonke bayoba nomalusi oyedwa; bayakuhamba ngezimiso zami, bagcine izimiso zami, bazenze.


UJehova wangiyala ngaleso sikhathi ukuba nginifundise izimiso nezahlulelo, ukuze nizenze ezweni enithuthela kulo ukulidla.


Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo, njengalokho uJehova uNkulunkulu wami engiyalile, ukuba nenze kanjalo ezweni eningena kulo ukulidla.


Le yimiyalo nezahlulelo uJehova ayala ngakho ngesandla sikaMose kubantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.


Lezi yizahlulelo okumelwe uzenze kubo.


Kumelwe nihambe ngazo zonke izindlela uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngazo, ukuze niphile, niphumelele futhi nibe nezinsuku eziningi ezweni eniyakulidla.


ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho; futhi ukuze izinsuku zakho zande.


Yebo, wayebathanda abantu; bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho, bahlala ngasezinyaweni zakho; wonke umuntu uyakwamukela emazwini akho.


NginguJehova uNkulunkulu wenu; hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze;


Niqaphele kukho konke enginitshele khona; igama labanye onkulunkulu ningaliphathi, lingazwakala emlonyeni wenu.


Nganiyala ngaleso sikhathi, ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite