Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 4:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 UJehova uyakunihlakaza phakathi kwezizwe, nisale niyingcosana phakathi kwezizwe uJehova eyakuniholela kuzo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UJehova uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uJehova eyakuniholela khona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 4:27
23 Referans Kwoze  

Ngiyonihlakazela phakathi kwezizwe ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lenu libe yihlane nemizi yenu ibe yincithakalo.


Ukhona uMesheki, noThubali, nesixuku sakhe sonke; amathuna akhe angakubo nxazonke, bonke abangasokile, ababulewe ngenkemba, nakuba babebanga ukwesaba ezweni labaphilayo.


Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibahlakazela ezizweni, ngibahlakazela emazweni.


Base bethi kimi: “Insali yabathunjwa ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; nogange lwaseJerusalema lwalubhidliziwe, namasango alo ashiswa ngomlilo.


Bathi: “Hambani, sizakhele umuzi nombhoshongo osiqongo sawo singafika ezulwini; masizenzele igama, funa sihlakazeke emhlabeni wonke.


UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningethusile, ngokungenza nginuke phakathi kwabakhileyo ezweni, phakathi kwamaKhanani namaPherizi; futhi ngimbalwa ngenani, bazongibuthanela futhi bangibulale; ngiyakuchithwa, mina nendlu yami.


UJehova wabasiphula ezweni labo ngokuthukuthela nangokufutheka nangokufutheka okukhulu wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.


ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho uyakushintsha ukuthunjwa kwakho, abe nesihe kuwe, abuye, akubuthe ezizweni zonke uJehova uNkulunkulu wakho akuhlakazele kuzo.


Ngathi: Ngiyakubahlakazela emagumbini, ngiqede ukukhunjulwa kwabo phakathi kwabantu.


Wasinika njengezimvu ezidliwayo; wasihlakazela phakathi kwabezizwe.


Ukuze awise inzalo yabo phakathi kwezizwe, ibahlakazele emazweni.


Kepha kuyosala izithelo zomvini ezingavunwanga, njengokunyakaziswa komnqumo, izithelo ezimbili noma ezintathu esiqongweni segatsha eliphezulu, ezine noma eziyisihlanu emagatsheni awo athelayo ekugcineni, usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngalokho ngiyakunilahla kuleli zwe, nginiyise ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku; lapho engingayikukwenzela khona umusa.


Nami ngiphakamisele isandla sami kubo ehlane ukubahlakazela ezizweni, ngibahlakaze emazweni;


Ngiyokuhlakaza phakathi kwezizwe ngikuhlakaze emazweni ngichithe ukungcola kwakho kuwe.


Jehova, ukulunga kungokwakho, kepha ubuso bethu buyihlazo njenganamuhla; kumadoda akwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema nakuye wonke u-Israyeli oseduze nakude, emazweni onke lapho obaxoshele khona ngenxa yesiphambeko sabo abasenze kuwe.


Kodwa ngabahlakaza ngesivunguvungu phakathi kwezizwe zonke ababengazazi. Izwe laliyihlane emva kwabo, okungangadluli muntu kulo, kungabuyi muntu, ngokuba benza izwe elihle laba yihlane.


UJehova uyakukuyisa wena nenkosi yakho oyakuyibeka phezu kwakho esizweni obungasazi wena nawoyihlo; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu, imithi namatshe.


Uthengisa ngabantu bakho mahhala, ungandisi ingcebo yakho ngentengo yabo.


Ngakho yithi: Itsho njalo iNkosi uJehova; Noma ngibajikijela kude phakathi kwezizwe, ngibahlakazele emazweni, nokho ngiyakuba yindlu engcwele kubo omncane emazweni abayakufika kuwo.


UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yizihambi phakathi kwezizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite