Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 4:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Aniyikwengeza lutho ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyikuthatha lutho kulo, ukuze nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo, ninganciphisi futhi kulo, ukuba nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Aniyukuthasisela ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyukunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 4:2
21 Referans Kwoze  

Konke engikuyala ngakho, nikwenze ngokucophelela;


Ungengezi emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.


Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, ukuze wenze ngokucophelela ngokomthetho wonke uMose, inceku yami, akuyala ngawo: ungaphambuki kuwo uye kwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.


Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.


Bazalwane, ngikhuluma ngokwabantu; Noma kuyisivumelwano somuntu, nokho siqinisekiswa, akakho ongasichithayo nonganezela kuso.


Ake sizwe isiphetho sayo yonke lendaba: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokhu kuyimfanelo yomuntu wonke.


Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’


Kwathi ngomnyaka wamashumi amane, ngenyanga yeshumi nanye, ngolokuqala lwenyanga, uMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova ayebayale ngakho;


Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo, njengalokho uJehova uNkulunkulu wami engiyalile, ukuba nenze kanjalo ezweni eningena kulo ukulidla.


UJehova wangiyala ngaleso sikhathi ukuba nginifundise izimiso nezahlulelo, ukuze nizenze ezweni enithuthela kulo ukulidla.


Ugcine izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla ukuba kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho, zande izinsuku zakho emhlabeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona kuze kube phakade.


UMose wasiyala umthetho, ifa lenhlangano kaJakobe.


Ukuze bathembele kuNkulunkulu futhi bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kodwa bagcine imiyalo yakhe.


Usho kanje uJehova; Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza ukukhuleka endlini kaJehova wonke amazwi engikuyala ukuba uwakhulume kubo; ayinciphisi igama:


O, uma kwakukhona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine yonke imiyalo yami kuze kube phakade, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade!


Ngakho lizakwenza lokunanzelela njengokukulaya kukaJehova uNkulunkulu wakho: lingaphambukeli ngakwesokunene loba kwesokhohlo.


Uma kuvela phakathi kwenu umprofethi noma umphuphi wamaphupho, aninike isibonakaliso nesimangaliso,


Akubangakho nelilodwa izwi kukho konke uMose ayala ngakho, uJoshuwa angalifundanga phambi kwenhlangano yonke yakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababebazi phakathi kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite