Asukuma amadoda ayebiziwe, athatha iziboshwa, agqokisa bonke ababenqunu phakathi kwabo, abembathisa, abagqokisa izicathulo, abanika ukuba badle, baphuze, abagcoba, abaphulukisa bonke ababuthakathaka babathwala ngezimbongolo, abaletha. EJeriko, umuzi wamasundu, kubafowabo; ngemva kwalokho babuyela eSamariya.