Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 33:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wathi: “UJehova wavela eSinayi, wabavukela evela eSeyiri; wakhanya entabeni yasePharanu, weza nabangcwele abayizinkulungwane eziyishumi; esandleni sakhe sokunene kwaphuma umthetho womlilo kubo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “UJehova wavela eSinayi, wabaphumela evela eSeyiri, wanyampuza entabeni yasePharanu, weza ephuma ezigidini zendawo engcwele; ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 wathi: “USimakade weza evela eSinayi, wabakhanyisela evela eSeyiri, wakhazimula entabeni iPharanu. Weza nezigidi zabangcwele; ebaphathele umthetho ovuthayo esandleni sakhe sokunene.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 33:2
24 Referans Kwoze  

Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezilwane, namalunga;


UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele evela entabeni yasePharanu. Sela. Inkazimulo yakhe yasibekela amazulu, futhi umhlaba ugcwele indumiso yakhe.


Naye u-Enoke, owesikhombisa kusukela ku-Adamu, waprofetha ngalaba, wathi: “Bheka, iNkosi iyeza nezinkulungwane eziyishumi zabangcwele bayo.


enamukela umthetho ngesandla sezingelosi, kepha aniwugcinanga.


Izinqola zikaNkulunkulu ziyizinkulungwane ezingamashumi amabili, yebo, izinkulungwane zezingelosi; uJehova uphakathi kwazo njengaseSinayi endlini engcwele.


Ngokuba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukweqa nokungalaleli kuthola umvuzo ofanele;


Ngokuba babengenakukubekezelela lokho okwakuyaliwe ukuthi: Futhi uma isilwane sithinta intaba, siyakukhandwa ngamatshe, noma sigwazwe ngomcibisholo;


Nakini enihluphekayo, niphumule kanye nathi, lapho iNkosi uJesu yambulwa ezulwini inezingelosi zayo ezinamandla;


Pho kungani ukhonza umthetho? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo okwakwenziwe kuyo isithembiso; wamiswa ngezingelosi ngesandla somlamuleli.


Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangahlali kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho, ukuba bakwenze.


Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa iyinkazimulo, kakhulukazi inkonzo yokulunga iyodlula inkazimulo.


Kepha uma inkonzo yokufa, ilotshiwe, iqoshwe ematsheni, yayinenkazimulo, kangangokuthi abantwana bakwa-Israyeli babengenakububheka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe; okuyinkazimulo eyayizakuqedwa;


Lawa mazwi uJehova wawakhuluma ngezwi elikhulu ebandleni lenu lonke entabeni, phakathi komlilo, nefu, nasebumnyameni; futhi Akanezelanga lutho. Waliloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika lona.


Okuyizinto eziyisifanekiso; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili; omunye uvela entabeni yaseSinayi, ozalela ubugqila, ongu-Agari.


Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikugcine endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo.


Abantwana bakwa-Israyeli baphuma ehlane laseSinayi; ifu lahlala ehlane lasePharanu.


EZiyoni, ubuhle obuphelele, uNkulunkulu wakhanya.


Ngabona emibonweni yekhanda lami embhedeni wami, bheka, umlindi nongcwele wehla ezulwini;


Basuka kwaMidiyani, bafika ePharanu; owamnika indlu wambekela ukudla, wamnika nezwe.


Wenyukela ezindaweni eziphakemeyo, wathumba abathunjwa; ukwamukela abantu izipho; yebo, nakwabahlubukayo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale phakathi kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite