Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Bayakushiswa yindlala, baqedwe ukushisa okushisayo nencithakalo ebabayo; ngiyakubathumelela amazinyo ezilwane, kanye nesihlungu sezinyoka zothuli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Bayakuphela indlala, baqedwe ngukushisa komzimba, nayisifo esibuhlungu, ngibathumele amazinyo ezilwane, kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 bayakuphela amandla yindlala, baqedwe wubhubhane, baqothulwe yisifo esibi, ngibathumele ngezinzawula zezilwane zasendle ezinesihlungu nezihuquzela othulini, zibalume.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:24
24 Referans Kwoze  

Ngiyakuthuma izilo zasendle phakathi kwenu, eziyakuniphuca abantwana benu, zichithe izinkomo zenu, zinenze nibe bambalwa; izindlela zenu ziyakuba yihlane.


Ngalokho ngiyakuthuma phezu kwenu indlala nezilo ezimbi, ziyakuphanga; futhi isifo esiwumshayabhuqe negazi kuyakudlula kuwe; ngiyakwehlisela inkemba phezu kwenu. Mina Jehova ngikukhulumile.


Isifo sahamba phambi kwakhe, namalahle avuthayo aphuma ezinyaweni zakhe.


Noma becasha esiqongweni seKarmeli, ngiyakubaphenya, ngibasuse; noma becashile ebusweni bami phansi kolwandle, ngiyakuyala inyoka lapho, ibalume.


Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kakhulu kangakanani uma ngithumela phezu kweJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nokuduma, nesifo, ukuqothula kulo abantu nezilwane na?


Uma ngithuma ukuduma ezweni, balichithe, libe yihlane, kungabikho muntu odabula izilwane;


Isikhumba sethu simnyama njengeziko ngenxa yendlala embi.


Bazakufa kabuhlungu; abayikukhalelwa; futhi kabayikungcwatshwa; kodwa bayoba njengomquba emhlabeni, futhi bayoqedwa ngenkemba nangendlala; futhi izidumbu zabo ziyoba ukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba.


Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine, usho uJehova: inkemba yokubulala, nezinja ukuba ziklebhule, nezinyoni zezulu nezilo zomhlaba ukuba zidle, zichithe.


Lapho ngiphuma ngiya ensimini, bheka labo ababulewe ngenkemba! futhi lapho ngingena emzini, bheka labo abaphethwe yindlala! yebo, umprofethi kanye nompristi bazulazula ezweni abangalazi.


Impisi newundlu kuyakudla ndawonye, ingonyama idle utshani njengenkunzi, nothuli lube yinyama yenyoka. Aziyikwenza okubi, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele,” usho uJehova.


Imicibisholo ebukhali yamaqhawe namalahle ojunipha.


noma isifo esihamba ebumnyameni; noma incithakalo ebhubhisayo emini.


Uyakudla isithelo sesisu sakho, inyama yamadodana akho namadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona, ekuvinjezelweni nasekucindezelekeni izitha zakho eziyakukucindezela ngakho.


UJehova uyakukushaya ngesifo, nangomkhuhlane, nangomkhuhlane, nangomlilo omkhulu, nangenkemba, nangamabhamuza, nangesikhunta; futhi ziyakukusukela uze ubhubhe.


Wabona ukuthi ukuphumula kuhle, nezwe limnandi; wagoba ihlombe lakhe ukuba athwale, waba yisigqila sokutheliswa.


UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: “Ngokuba usukwenzile lokho, uqalekisiwe ngaphezu kwezinkomo zonke naphezu kwazo zonke izilwane zasendle; uyakuhamba emlonyeni wakho, udle uthuli zonke izinsuku zokuhamba kwakho.


Ngalokho uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kini, ngendlala, nangokoma, nangobuze, nangokuswela konke; iyakubeka ijoka lensimbi entanyeni yakho ize ikuchithe.


Uyakumunca isihlungu samabululu, ulimi lwenyoka luyombulala.


Ngokuba bhekani, ngiyakuthuma phakathi kwenu izinyoka, imilomo engenakuloywa, zinilume, usho uJehova.


Bayakukhotha uthuli njengenyoka, baphume emigodini yabo njengezimpethu emhlabeni; bayakumesaba uJehova uNkulunkulu wethu, bakwesabe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite