Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Bangivusela umhawu ngokungesiye uNkulunkulu; bangiklolodele ngezinto zabo eziyize, futhi ngiyobenza babe nomhawu ngabangebona abantu; ngizabagcona ngesizwe esingelangqondo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisile ngamaze abo; ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Bangenze nganesikhwele ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisa ngokuyize kwabo; ngiyobenza babe nesikhwele ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:21
31 Referans Kwoze  

Kodwa ngithi: UIsrayeli wayengazi yini? Kuqala uMose uthi: “Ngiyakunivusela umhawu ngabangesiso isizwe, nginithukuthelise ngesizwe esingenangqondo.


Njengokuba esho nakuHoseya ukuthi: “Abangesibo abantu bami ngiyakubabiza ngokuthi abantu bami; nothandiweyo wakhe, obengathandwa.


Wahamba ngayo yonke indlela kaJerobowamu, indodana kaNebati, nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli, ukucunula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngentukuthelo yabo eyize.


Ngenxa yazo zonke izono zikaBhahasha nezono zendodana yakhe u-Ela abona ngazo futhi onisa ngazo u-Israyeli ngokuklolodela kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngentukuthelo yabo eyize.


Ababona okuyize zamanga bashiya umusa wabo.


Bamthukuthelisa ngokuphakama kwabo, bamvusela intukuthelo ngezithombe zabo ezibaziweyo.


Bamvusela umhawu ngonkulunkulu bezizweni, bamcunula ngezinengiso.


Kodwa umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nokubalwa; nasendaweni lapho kwathiwa kubo: Anisibo abantu bami, kuyakuthiwa kubo: Ningabantwana bakaNkulunkulu ophilayo.


Ukhona yini phakathi kwezithixo eziyize zabezizwe onganisa imvula na? noma izulu linganisa imvula na? Akuwena, Jehova Nkulunkulu wethu? ngalokho siyakulindela wena, ngokuba nguwena owenza zonke lezi zinto.


Ngabazonda abalalela okuyize, kodwa ngethemba uJehova.


Siyayivusela umhawu iNkosi na? sinamandla kunaye na?


Kwathi ngisaqala ukukhuluma, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo, njengalokhu wehlela kithi ekuqaleni.


Bhekani izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami phezu kwabakhileyo ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Inkosi yayo ayikho kuye na? Bangiklolodelani ngezithombe zabo ezibaziweyo nangezithombe eziyize ezingaziwa na?


Kepha bayiziphukuphuku neziwula; imfuyo iyimfundiso eyize.


Njalo lingaphambuki; ngoba ziyize.


Athi: “Madoda, nenzelani lokho na? Lathi singabantu abanemizwa efana leyenu, sitshumayela kini ukuthi liphenduke kulezize liphenduke kuNkulunkulu ophilayo, owenza izulu lomhlaba lolwandle lakho konke okukukho.


Bahlabela amadimoni, hatshi uNkulunkulu; konkulunkulu ababengabazi, konkulunkulu abasha abavukile, ababengabesabanga oyihlo.


UJuda wenza okubi emehlweni kaJehova, bamvusela umhawu ngezono zabo abazenzayo ngaphezu kwakho konke ababekwenzile oyise.


Bazenqaba izimiso zakhe nesivumelwano sakhe asenza nawoyise nobufakazi bakhe abufakaza ngabo; balandela okuyize, baba yize, balandela izizwe ezazibazungeza, uJehova abayala ngazo ukuba bangenzi njengalokho abakwenzayo.


Ngizokuthethelela kanjani kulokhu? abantwana bakho bangishiyile, bafunga abangesibo onkulunkulu;


Abantwana batheza izinkuni, oyise babasa umlilo, abesifazane baxova inhlama ukwenzela indlovukazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa, ukuze bangicunule.


Kepha wena wenze okubi kakhulu kunakho konke okwakungaphambi kwakho, ngokuba uhambile, wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukuba udlale ngami, wangilahla emva kwakho.


Baqhumisa khona umusi phezu kwazo zonke izindawo eziphakemeyo, njengoba nje kwenza izizwe uJehova aziholile phambi kwabo; futhi benza izinto ezimbi ukuze bamthukuthelise uJehova.


Futhi wadabulisa indodana yakhe emlilweni, futhi wagcina izikhathi futhi esebenzisa imilingo futhi esebenzelana nemimoya yemvelaphi kanye nabathakathi; wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova ukuba amcunule.


Ngokuba bangishiyile, bashunqisa abanye onkulunkulu, ukuze bangidlalise ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; ngakho-ke ulaka lwami luyovuthela le ndawo, futhi ngeke lucime.


Abantu abangiklolodela njalo ebusweni bami; abahlabela emasimini, bashise impepho ema-altare ezitini;


Isizwe sishintshile yini onkulunkulu baso, abangebona onkulunkulu na? kepha abantu bami banana udumo lwabo ngalokho okungasizi ngalutho.


Ngokuba abantu bami bangikhohliwe, bashunqise umusi kwaba yize, babakhubekisa ezindleleni zabo zasendulo, ukuba bahambe ngezindlela ezingalahlwanga;


Welula okunjengesandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa phambi kukaNkulunkulu eJerusalema, ekungeneni kwesango elingaphakathi elibheke enyakatho; sasikuphi isihlalo sesithombe somona, esizala umona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite