Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Wathi: “Ngiyakubafihlela ubuso bami, ngibone ukuthi ukuphela kwabo kuyakuba yini; ngoba bayisizukulwane esibi kakhulu, abantwana abangenakholo kubo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Wayesethi: ‘Ngiyakubafihlela ubuso bami, ngibone ukugcina kwabo ukuthi kuyakuba yini; ngokuba bayisizwe esiphambeneyo, abantwana okungekho kubo ukukholwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Wathi: ‘Ngizobufihla ubuso bami kubo, ngibone ukuthi sizoba yini isiphetho sabo; ngokuba bayisizukulwane esiphambeneyo, nabantwana okungekho ukwethembeka kubo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:20
25 Referans Kwoze  

Babonakalisile, ibala labo alisilo ibala labantwana bakhe; bayisizukulwane esibi nesiphambeneyo.


Ngithi kini: Uzabalungisela masinyane. Nokho nxa ifika iNdodana yomuntu, iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?


Wasephendula wathi kuye: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani? koze kube nini nginibekezelela? mletheni kimi.


UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? koze kube nini nginibekezelela? mletheni lapha kimi.


Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphanga, kungabikho muntu; yebo, maye kubo futhi lapho ngisuka kubo!


Ngiyakubahlakaza njengomoya wasempumalanga phambi kwesitha; ngiyakubukisa umhlane wabo, hhayi ubuso babo ngosuku lobubi babo.


Futhi akakho obiza igama lakho oziphakamisayo ukuba abambelele kuwe, ngokuba usithezile ubuso bakho, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.


Ukuthi bangabantu abahlubukayo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangezwa umthetho kaJehova;


Inhloko ka-Efrayimi yiSamariya, nenhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, anisoze naqinisekiswa.


Uma ethula, ubani ongabanga inkathazo na? uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? noma kwenziwa esizweni noma kumuntu yedwa;


Ubufihlelani ubuso bakho, ungivikele esitheni sakho, na?


Bavuka ekuseni kakhulu, basuka baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo, uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda, nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.


Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyozibhubhisa ngokuphelele, futhi niyophambuka endleleni enganiyala ngayo; ububi buyakukwehlela ekupheleni kwezinsuku; ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimcunule ngomsebenzi wezandla zenu.


Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.


Nokuba sikhululwe kubantu abangenangqondo nababi, ngokuba ukukholwa akusibo bonke.


Ngokunjalo lapho uJehova enithuma nisuka eKadeshi-Barineya ukuthi: ‘Khuphukani nilidle izwe engininike lona; nahlubuka emyalezweni kaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, anililalelanga izwi lakhe.


Umuntu oyedwa phakathi kwenu uyakuxosha inkulungwane; ngoba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo njengokuthembisa kwakhe kini.


Ngakho uJehova wabathukuthelela kakhulu u-Israyeli, wabasusa ebusweni bakhe; akwasala muntu, isizwe sakwaJuda kuphela.


UJehova wayilahla yonke indlu yakwa-Israyeli, wayicindezela, wayinikela esandleni sababhubhisi, waze wabalahla ebusweni bakhe.


UJehova waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe, njengokusho kwakhe ngezinceku zakhe zonke, abaprofethi. Ngakho u-Israyeli wathunjwa ezweni lakubo wayiswa e-Asiriya kuze kube namuhla.


Abaprofethi baprofetha amanga, nabapristi babusa ngezandla zabo; futhi abantu bami bangathanda kanjalo; futhi uyokwenzani ekupheleni kwakho?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite