Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 31:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 NguJehova ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe, akayikukushiya, akayikukushiya; ningesabi, ningapheli amandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 USimakade nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayukukulahla, akushiye; ungesabi, ungashaywa luvalo.”

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 31:8
25 Referans Kwoze  

Wathi: “Ubuso bami buyakuhamba nawe, ngikuphumuze.”


Qinani, niqine, ningabesabi, ningabesabi; ngoba nguJehova uNkulunkulu wakho ohamba lawe; Ngeke akulahle noma akushiye.


Angililayanga yini? Qina, ume isibindi; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.


Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Akuyikuma muntu phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukushiya, angiyikukushiya.


UDavide wayesethi kuSolomoni indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu wami, unawe; akayikukuyeka, akushiye, uze uqede wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.


Yazi-ke namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho nguye odlula phambi kwakho; njengomlilo oqothulayo uyakubaqeda, abawise phambi kwakho; khona-ke kumelwe ubaxoshe futhi ubabhubhise ngokushesha, njengoba nje uJehova ekhulumile kini.


UJehova uNkulunkulu wakho nguyena oyakuwela phambi kwakho, achithe lezi zizwe phambi kwakho, uzidle; uJoshuwa yena uyakuphuma phambi kwenu, njengalokho eshilo uJehova.


Inkulumo yenu mayingabi-kuhaha; yaneliswani ngalokho eninakho, ngokuba ushilo ukuthi: ‘Angisoze ngakushiya, angisoze ngakushiya.


Bheka, nginawe, ngiyakukugcina ezindaweni zonke oya kuzo, ngikubuyisele kuleli zwe; ngoba kangiyikukutshiya ngize ngenze lokho engikukhulume kuwe.


Ngoba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu olesihawu;


Lapho uphuma ukulwa nezitha zakho, namahhashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe owakukhuphula ezweni laseGibithe.


Uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ezindleleni zami, wenze okulungile emehlweni ami, ugcine izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho enzile uDavide inceku yami; ngiyakuba nawe, ngikwakhele indlu eqinile, njengalokho ngakwakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuthi angiyikusuka kubo ukuba ngibenzele okuhle; kepha ngiyakufaka ukungesaba ezinhliziyweni zabo, ukuze bangasuki kimi.


Lapho abantu bebona ukuthi uMose wayengehli entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Sukuma, usenzele onkulunkulu abaya kuhamba phambi kwethu; ngoba uMozisi lo, indoda eyasikhupha elizweni leGibhithe, kasazi ukuthi wehlelwe yini.


Owesizwe sakwaBenjamini: uPhaliti indodana kaRafu.


Wayala uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, uqine, ngokuba uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engabathembisa lona ngesifungo, mina ngiyakuba nawe.”


Ngokuba uJehova akayikubalahla abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, ngokuba kwaba kuhle kuJehova ukunenza abantu bakhe.


Ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngingabashiyi abantu bami u-Israyeli.


UJehova uNkulunkulu wethu makabe nathi njengoba wayenabokhokho bethu; makangasishiyi futhi angasilahli.


Khona-ke uyakuba nempumelelo, uma ulalela ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngakho uMose ngo-Israyeli: qina, uqine; ningesabi, ningapheli amandla.


Ngoba uJehova kayikubaxotsha abantu bakhe, njalo kayikulitshiya ilifa lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite