Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 31:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJehova uNkulunkulu wakho nguyena oyakuwela phambi kwakho, achithe lezi zizwe phambi kwakho, uzidle; uJoshuwa yena uyakuphuma phambi kwenu, njengalokho eshilo uJehova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha uJehova uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, achithe lezi zizwe phambi kwakho, uzidle; uJoshuwa uyakuwela phambi kwakho njengokukhuluma kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kepha uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, abhubhise lezi zizwe ubuka, uzidle; uJoshuwa uyowela phambi kwakho njengalokhu uSimakade eshilo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 31:3
19 Referans Kwoze  

Yazi-ke namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho nguye odlula phambi kwakho; njengomlilo oqothulayo uyakubaqeda, abawise phambi kwakho; khona-ke kumelwe ubaxoshe futhi ubabhubhise ngokushesha, njengoba nje uJehova ekhulumile kini.


Ngalolo suku uJehova wamenza waba mkhulu uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Inceku yami uMose ifile; Suka manje, uwele leli Jordani, wena nabo bonke laba bantu, niye ezweni engizabanika lona abantwana bakwa-Israyeli.


Wayala uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, uqine, ngokuba uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engabathembisa lona ngesifungo, mina ngiyakuba nawe.”


Kodwa yala uJoshuwa, umkhuthaze, umqinise, ngoba yena uzachapha phambi kwalababantu, njalo uzabenza balidle ilifa lelizwe ozalibona.


Ngoba uba uJesu wayebaphumuzile, ubengasoze akhulume ngolunye usuku.


Okhokho bethu abayilandela bayingenisa kanye loJesu empahleni yabezizwe, uNkulunkulu abaxotshayo phambi kobuso babokhokho bethu, kwaze kwaba semihleni kaDavida;


INkosi yasisithi kuJoshuwa: Lamuhla ngizaqala ukukukhulisa phambi kwamehlo kaIsrayeli wonke, ukuze bazi ukuthi njengalokho nganginaye uMozisi, ngokunjalo ngizakuba lawe.


UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya wokuhlakanipha; ngokuba uMose wabeka izandla phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


UJehova wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zisondele ukuba ufe; wamemeza uJoshuwa, nimisa etendeni lokuhlangana ukuba ngimyale. OMose noJoshuwa bahamba, babangenisa etendeni lokuhlangana.


U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Bheka, ngiyafa, kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.


UJehova uyakwenza kubo njengalokho enzile kuSihoni no-Ogi, amakhosi ama-Amori, nasezweni labo abachitha.


UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke akwenza kini phambi kwamehlo enu eGibithe;


Lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni oya kulo ukulidla, esexoshile izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa. Mkhulu futhi unamandla kunawe;


Njengalokho uJehova emyalile uMose inceku yakhe, kanjalo uMose wamyala uJoshuwa, wenze njalo uJoshuwa; akenzanga lutho uJehova ayemyale ngalo uMose.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite