Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 31:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 UJehova wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zisondele ukuba ufe; wamemeza uJoshuwa, nimisa etendeni lokuhlangana ukuba ngimyale. OMose noJoshuwa bahamba, babangenisa etendeni lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJehova wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho sezisondele zokuba ufe; mbize uJoshuwa, nime etendeni lokuhlangana ukuba ngimyale.” OMose noJoshuwa base behamba, bema etendeni lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 USimakade wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zokuba ufe sezisondele, biza uJoshuwa, ningene ethendeni lokuhlangana ukuze ngimyale.” UMose noJoshuwa bahamba, bema ethendeni lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 31:14
29 Referans Kwoze  

Uma ubona lokhu, nawe kumelwe ubuthelwe kubantu bakini njengoba u-Aroni umfowenu wabuthwa.


Wayala uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, uqine, ngokuba uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engabathembisa lona ngesifungo, mina ngiyakuba nawe.”


Kuye olamandla okulilinda ekukhubekeni, lokulimisa phambi kwenkazimulo yakhe lingelasici ngentokozo enkulu;


Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda.


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze wafa. Umprofethi u-Isaya indodana ka-Amose weza kuye, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: “Lungisa indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikuphila.


Ngoba abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa, kodwa abafileyo abazi lutho futhi abasenawo umvuzo; ngoba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele.


Kwathi ngolunye usuku lapho amadodana kaNkulunkulu efika ukuma phambi kukaJehova, noSathane wafika phakathi kwawo ukuba ame phambi kukaJehova.


Kwathi ngolunye usuku amadodana kaNkulunkulu eza ukuma phambi kukaJehova, noSathane wafika phakathi kwawo.


Ngakho-ke, manje, usho kanje uJehova, uthi: Ngeke wehle kulowo mbhede okhuphukele kuwo, kepha uyakufa nokufa. U-Eliya wahamba.


Nina nimlahlile namuhla uNkulunkulu wenu, owanisindisa kuzo zonke izinhlupheko zenu nezinsizi zenu; laselisithi kuye: Hatshi, kodwa sibekele inkosi phezu kwethu. Manje zimiseni phambi kukaJehova ngokwezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.


UJoshuwa wabutha zonke izizwe zakwa-Israyeli eShekemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, nezinhloko zabo, nabahluleli bakhe, nezinduna zabo; bazimisa phambi kukaNkulunkulu.


Bhekani, namuhla ngihamba ngendlela yomhlaba wonke, niyazi ngenhliziyo yenu yonke nangomphefumulo wenu wonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle uJehova uNkulunkulu wenu azikhulumile ngani; konke kwenzeke kuwe, akuphuthanga nento eyodwa kukho.


UMose inceku kaJehova wafela khona ezweni lakwaMowabi njengezwi likaJehova.


Ufele entabeni okhuphukela kuyo, ubuthelwe kubantu bakini; njengalokhu umfowenu u-Aroni afela eNtabeni yaseHori, wabuthelwa kubantu bakubo.


Wathi kubo: “Namuhla ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili; Angisakwazi ukungena nokuphuma; uJehova wathi kimi: “Awuyikuliwela leli Jordani.”


Ulungele ekuseni, ukhuphukele entabeni yaseSinayi ekuseni, ume lapho phambi kwami esiqongweni sentaba.


Sase sisondela isikhathi sokuthi u-Israyeli afe; wabiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, beka isandla sakho ngaphansi kwenyonga yami, ungenzele umusa neqiniso; ungangingcwabi eGibhithe.


Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetabernakele; uJehova wakhuluma kuMose.


UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela le ntaba yase-Abarimi, ubheke izwe engilinike abantwana bakwa-Israyeli.


Kodwa kufanele ngifele kuleli zwe, angiyikuwela iJordani; kepha niyakudabula, nilidle lelo zwe elihle.


Ukuze abantwana babo, ababengazi lutho, bezwe, bafunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wenu, zonke izinsuku zisahleli ezweni eniwela iJordani ukulidla.


UDavide wathi: “Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya; ukuthi usuku lwakhe lokufa luyafika yini; noma ehle empini abhubhe.


Zase zisondela izinsuku zikaDavide zokufa kwakhe; wayala uSolomoni indodana yakhe, wathi:


UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso, njengalokho umuntu ekhuluma nomngane wakhe. Wabuyela ekamu, kepha inceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, akasukanga etendeni.


UJehova wayesethi kuMose: “Zithathele uJoshuwa, indodana kaNuni, umuntu okuye uMoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe;


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze wafa. Umprofethi u-Isaya, indodana ka-Amose, wafika kuye, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: “Lungisa indlu yakho; ngoba uyakufa, ungaphili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite