Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 3:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kanjalo uJehova uNkulunkulu wethu wamnikela esandleni sethu u-Ogi inkosi yaseBashani, nabo bonke abantu bakhe; samnqoba kwaze kwangasala muntu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “UJehova uNkulunkulu wethu wayesenikela esandleni sethu naye u-Ogi inkosi yaseBashani nabantu bakhe bonke; samnqoba, akwaze kwasala muntu kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 “USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela esandleni sethu u-Ogi, inkosi yaseBhashani nabantu bakhe bonke; sabacekela phansi ngenkemba, akwaze kwasala muntu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 3:3
9 Referans Kwoze  

Bamnqoba yena namadodana akhe nabo bonke abantu bakhe, kwaze kwangasala muntu, balidla izwe lakhe.


Umkhawulo wabo wasukela eMahanayimi, lonke iBashani, wonke umbuso ka-Ogi, inkosi yaseBashani, nayo yonke imizana yaseJayire eseBashani: imizi engamashumi ayisithupha;


wonke umbuso ka-Ogi eBashani owabusa e-Ashitaroti nase-Edireyi owasala ensalini yamaRefa; ngoba bamnqoba uMozisi, babaxotsha.


Wayesethi uJehova kimi: “Ungamesabi, ngokuba ngiyakumnikela yena nabo bonke abantu bakhe nezwe lakhe esandleni sakho; uyakwenza kuye njengoba wenza kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni.


Sayithatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, akubangakho muzi esingawuthathanga kubo, imizi engamashumi ayisithupha, sonke isifunda sase-Arigobi, umbuso ka-Ogi eBashani.


Balidla izwe lakhe nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga;


Anidlanga sinkwa, niphuze iwayini noma okuphuzwayo, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.


No-Ogi, inkosi yaseBashani, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite