Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 29:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bese nigcina amazwi alesi sivumelwano niwenze, ukuze niphumelele kukho konke enikwenzayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuba niphumelele kukho konke enikwenzayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuze niphumelele kukho konke enikwenzayo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 29:9
19 Referans Kwoze  

ugcine umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe, njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo; futhi nomaphi lapho uphendukela khona;


Ngakho-ke gcina, ukwenze; ngokuba kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu phambi kwamehlo ezizwe eziyakuzwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabahlakaniphileyo.


Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.


Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, ukuze wenze ngokucophelela ngokomthetho wonke uMose, inceku yami, akuyala ngawo: ungaphambuki kuwo uye kwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.


Lawa angamazwi esivumelwano uJehova ayala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.


Bazabuza indlela eya eZiyoni, ubuso babo bukhangele kulo, bathi: Wozani sihlangane loJehova esivumelwaneni esingapheliyo esingayikukhohlakala.


Zonke izindlela zikaJehova zingumusa nokuthembeka kwabagcina isivumelwano sakhe nobufakazi bakhe.


Nimi nonke namuhla phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu; izinhloko zezizwe zenu, namalunga enu, nezinceku zenu, nawo onke amadoda akwa-Israyeli,


Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho; kodwa wozindla ngayo imini nobusuku, ukuze wenze ngokucophelela njengakho konke okulotshwe kuyo;


Nakuyo yonke imisebenzi ayiqala enkonzweni yendlu kaNkulunkulu, nomthetho, nemiyalo yokufuna uNkulunkulu wakhe, wayenza ngenhliziyo yakhe yonke, waphumelela.


UJehova akasenzanga lesi sivumelwano nawobaba, wasenza nathi, thina sonke esisekhona namuhla.


Buthani abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi osemasangweni enu, ukuba bezwe, bafunde, besabe uJehova uNkulunkulu wenu, bagcine ngokucophelela onke amazwi alo mthetho.


Akubangakho nelilodwa izwi kukho konke uMose ayala ngakho, uJoshuwa angalifundanga phambi kwenhlangano yonke yakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababebazi phakathi kwabo.


UJoshuwa wabutha zonke izizwe zakwa-Israyeli eShekemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, nezinhloko zabo, nabahluleli bakhe, nezinduna zabo; bazimisa phambi kukaNkulunkulu.


Wonke uJuda wema phambi kukaJehova, nabancane babo, nawomkabo, nabantwana babo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite