Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 29:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Anidlanga sinkwa, niphuze iwayini noma okuphuzwayo, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Anidlanga isinkwa, aniphuzanga iwayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Anidlanga sinkwa, aniphuzanga wayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 29:6
14 Referans Kwoze  

Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha imana ongalazi, noyihlo ababengalazi; ukuze akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaJehova.


Futhi ningadakwa yiwayini, lapho kukhona ukuganga; kodwa gcwaliswani ngoMoya;


Banatha bonke isiphuzo esifanayo sokomoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elalibalandela, lelo Dwala lalinguKristu.


Labo bonke abancintisayo bayazithiba ezintweni zonke. Manje bakwenzela ukuthola umqhele owonakalayo; kodwa thina esingaboliyo.


Wabapha isinkwa sasezulwini ngenxa yokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabathembisa ukuthi bayakungena ukulidla izwe owafunga ngesifungo ukubanika lona.


Thatha intonga, ubuthe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, nikhulume nedwala phambi kwamehlo ayo; futhi uyonika amanzi awo, futhi kumelwe ubakhiphele amanzi edwaleni; uyakuphuzisa ibandla nezinkomo zalo.


Futhi, awusingenisanga ezweni elichichima ubisi nezinyosi, futhi awusinikanga ifa lamasimu nelezivini; nizokhipha amehlo alaba bantu na? ngeke sikhuphuke.


Abantwana bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane, baze bafika ezweni elakhiweyo; badla imana baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.


Ngikuzwile ukububula kwabantwana bakwa-Israyeli; khuluma kubo uthi: Kusihlwa niyakudla inyama, ekuseni nisuthe yisinkwa; niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Senifikile kule ndawo, uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani baphuma ukulwa nathi, sabahlula;


UJehova uNkulunkulu wethu wamnikela phambi kwethu; futhi samnqoba yena namadodana akhe nabo bonke abantu bakhe.


Kanjalo uJehova uNkulunkulu wethu wamnikela esandleni sethu u-Ogi inkosi yaseBashani, nabo bonke abantu bakhe; samnqoba kwaze kwangasala muntu.


Sabaqalekisa, njengalokho saqalekisa uSihoni, inkosi yaseHeshiboni, ngokuqalekisa abesilisa, nabesifazane, nabantwana bemizi yonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite