Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 29:29 - Contemporary Zulu Bible 2024

29 Izinto ezifihliweyo zingezikaJehova uNkulunkulu wethu, kodwa izinto ezembuliwe zingezethu nabantwana bethu kuze kube phakade, ukuze senze wonke amazwi alo mthetho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 “Izimfihlakalo zingezikaJehova uNkulunkulu wethu, kepha okwambuliweyo kungokwethu nokwabantwana bethu kuze kube phakade ukuba siwenze onke amazwi alo mthetho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

29 “Izimfihlakalo zingezikaSimakade uNkulunkulu wethu, kodwa okwambuliweyo kungokwethu nozalo lwethu kuze kube phakade ukuba siwenze wonke amazwi alo mthetho.”

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 29:29
30 Referans Kwoze  

Wembula okujulileyo nokufihliweyo: uyakwazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlala kuye.


Wathi kubo: “Akusikhona okwenu ukwazi izikhathi nezinkathi uBaba azimise ngamandla akhe.


Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.


Ngokuba ngubani owazi umqondo weNkosi ukuba ayifundise na? Kodwa thina sinomqondo kaKristu.


Imfihlo kaJehova ikulabo abamesabayo; futhi uyobazisa isivumelwano sakhe.


Ngempela, uJehova akenzi lutho, kodwa uyembulile imfihlo yakhe ezincekwini zakhe, abaprofethi.


Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni;


Belitshazari, nkosi yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe, nokuthi akukho mfihlakalo ekukhathazayo, ngitshele imibono yephupho lami engalibonayo kanye nencazelo yalo.


Ngoba ngubani owama emkhandlwini weNkosi, wabona, wezwa ilizwi lakhe? ngubani obonile izwi lakhe, walizwa na?


ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: Ngizavula umlomo wami ngemifanekiso; ngizakhuluma izinto ebezifihliwe kusukela ekusekelweni komhlaba.


Kusukela manje anginibizi ngokuthi izinceku; ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa inkosi yayo; ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.


Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.


Ngoba omubi uyisinengiso kuJehova, kodwa imfihlo yakhe ikulabo abalungileyo.


Wathi kumuntu: “Bheka, ukumesaba uJehova kungukuhlakanipha; nokudeda ebubini kungukuqondisisa.


Kumelwe ulifundise ngenkuthalo abantwana bakho futhi ukhulume ngalo lapho uhlezi endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.


Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.


Kumelwe ubuyele kuJehova uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe njengakho konke engikuyala ngakho namuhla, wena nabantwana bakho, ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho;


Nxa ngikhumbula ukholo lwakho olungazenzisiyo olwahlala kuqala kugogo wakho uLowisi lakunyoko uYunike; ngiyaqiniseka ukuthi nakuwe.


UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? ngilandele.


Hlolani imibhalo; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.


Labo babenobuntu kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, behlola imibhalo imihla ngemihla ukuthi zinjalo yini lezo zinto;


UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Akukho kimi; uNkulunkulu uyakumphendula uFaro ngokuthula.”


Kuludumo lukaNkulunkulu ukufihla into, kodwa udumo lwamakhosi luwukuhlola indaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite