Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:68 - Contemporary Zulu Bible 2024

68 UJehova uyakukubuyisela eGibithe ngemikhumbi endleleni engasho ngayo kuwe ukuthi: ‘Awuyikuyibona futhi; niyothengiswa lapho ezitheni zenu, nibe yizigqila nezigqilakazi, ningathengwa muntu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

68 UJehova uyakukubuyisela eGibithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe ukuthi: ‘Awusayikuyibona futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi, ningathengwa muntu kodwa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

68 USimakade uyakukubuyisela eGibhithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe, ngathi: ‘Awusayukuphinda uyibone futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi; ningathengwa muntu.”

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:68
14 Referans Kwoze  

Ngiyakuthatha insali yakwaJuda ebhekise ubuso bayo ukuba iye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona, futhi iyoqedwa yonke, iwe ezweni laseGibithe; bayoqedwa ngisho nangenkemba nangendlala; bayakufa, kusukela komncane kuye komkhulu ngenkemba nangendlala; bayakuba yinhlekisa, nesimangaliso, nesiqalekiso, nesihlamba.


Abayikuhlala ezweni likaJehova; kepha u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, badle okungcolileyo e-Asiriya.


Bafika ezweni laseGibithe, ngokuba bengalilalelanga izwi likaJehova; basebefika eTagpanesi.


Bahlabela inyama yemihlatshelo yami, bayidle; kepha uJehova akabemukeli; manje uyakukhumbula ukona kwabo, ahambele izono zabo; bayakubuyela eGibithe.


Bayakuwa ngosiko lwenkemba, bathunjelwe ezizweni zonke, iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.


Kodwa akumelwe azandisele amahhashi futhi angavumeli abantu babuyele eGibhithe ukuze andise amahhashi;


Ngokuba sithengisiwe, mina nabantu bami, ukuba sibhujiswe, sibulawe, sibhubhe. Kodwa uma sithengiswa sibe yizigqila nezigqilakazi, ngangithula ulimi lwami, nakuba isitha sasingenakubuyisela umonakalo wenkosi.


Ngasengisithi kubo: Sahlenga ngokwamandla ethu abazalwane bethu abaJuda, ababethengiswe kwabezizwe; futhi ningaze nidayise abafowenu na? noma bazothengiselwa thina? Bathula ke bangathola lutho lokuphendula.


NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.


Kodwa uba leyonceku ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukuza; aqale ukushaya izinceku nezincekukazi, nokudla, nokuphuza, nokudakwa;


Ekuseni uzakuthi: ‘Awu, kwase kuhlwile! futhi kusihlwa uzothi: Ah, bekukusasa! mayelana nokwesaba kwenhliziyo yakho okwesaba ngakho, nangokubona kwamehlo akho oyokubona.


Lawa angamazwi esivumelwano uJehova ayala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.


Kwathi uFaro esebayekele abantu bahambe, uNkulunkulu kabaholanga ngendlela yelizwe lamaFilisti, lanxa yayiseduze; ngoba uNkulunkulu wathi: Ukuze abantu bangaphenduki nxa bebona impi babuyele eGibhithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite