Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 Inyama yakho efileyo iyakuba ngukudla kwazo zonke izinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba, kungabikho muntu ozokuklebhula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwezinyoni zonke zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyikubakho ozihebezayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwazo zonke izinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyukuba bikho oyoziphazamisa.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:26
11 Referans Kwoze  

Ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo; futhi izidumbu zabo ziyoba ukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba.


Bazakufa kabuhlungu; abayikukhalelwa; futhi kabayikungcwatshwa; kodwa bayoba njengomquba emhlabeni, futhi bayoqedwa ngenkemba nangendlala; futhi izidumbu zabo ziyoba ukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba.


Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; futhi akekho oyobadabula.


Ngiyakuchitha icebo lakwaJuda nelaseJerusalema kule ndawo; ngiyakubawisa ngenkemba phambi kwezitha zabo nangesandla sabafuna ukuphila kwabo; izidumbu zabo ngiyakuzinika izinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba zibe ngukudla.


Ngaleso sikhathi, usho uJehova, bayakukhipha emathuneni abo amathambo amakhosi akwaJuda, namathambo ezikhulu zakhe, namathambo abapristi, namathambo abaprofethi, namathambo abakhileyo eJerusalema;


Futhi labo ababulewe bayokhishelwa ngaphandle, futhi ukunuka kwabo kuyokhuphuka ezidunjini zabo, futhi izintaba ziyoncibilika ngegazi labo.


Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina, amagwababa asesigodini ayakulihlwitha, amazinyane okhozi alidle.


Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine, usho uJehova: inkemba yokubulala, nezinja ukuba ziklebhule, nezinyoni zezulu nezilo zomhlaba ukuba zidle, zichithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite