Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 UJehova uyakunamathelisa kuwe isifo aze akuqede ezweni oya kulo ukulidla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJehova uyakunamathelisa kuwe isifo, aze akuqede ezweni ongena kulo ukulidla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 USimakade uyakunamathelisa kuwe isifo, aze akubhubhise ezweni ongena kulo ukulidla.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:21
14 Referans Kwoze  

Ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba eyakuphindisela ukulwa kwesivumelwano sami; lapho senibuthene emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu; uyakunikelwa esandleni sesitha.


Ngiyakuthuma phakathi kwabo inkemba, nendlala, nesifo, baze baqedwe ezweni engalinika bona nawoyise.


Kuzakuthi-ke lapho bethi kuwe: Sizakuya ngaphi? uthi kubo: Usho kanje uJehova; Labo abokufa, ekufeni; labo abafanele inkemba, ngenkemba; labo abendlala, baye endlaleni; labo abafanele ukudingiswa, ekuthunjweni.


Ngiyakubashaya ngesifo, ngibaphuce, ngenze wena ube yisizwe esikhulu nesinamandla kunabo.


Bazakufa kabuhlungu; abayikukhalelwa; futhi kabayikungcwatshwa; kodwa bayoba njengomquba emhlabeni, futhi bayoqedwa ngenkemba nangendlala; futhi izidumbu zabo ziyoba ukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba.


UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli kusukela ekuseni kwaze kwaba yisikhathi esimisiweyo;


Abafayo ngesifo babeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.


Bathi: “UNkulunkulu wamaHeberu wasihlangabeza; masihambe uhambo lwezinsuku ezintathu ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu; funa asehlele ngesifo noma ngenkemba.


Kwafika kuye owesifazane ephethe umfuma wealabhaste wamafutha anenani elikhulu, wawathela ekhanda lakhe ehlezi ekudleni.


Uma kukhona indlala ezweni, uma kukhona umashayabhuqe, izikhukhula, isikhutha, izinkumbi nezinkumbi; uma izitha zabo zibavimbezela ezweni lemizi yabo; noma yisiphi isifo, noma yisiphi isifo;


Ngathumela isifo phakathi kwenu ngendlela yaseGibithe; ngenza ukuba iphunga lemibhede yenu likhuphukele emakhaleni enu; nokho aniphendukela kimi,” usho uJehova.


Lokhu kuyakuba yinhlupheko uJehova ayakushaya ngayo zonke izizwe ezilwa neJerusalema; Inyama yabo iyakudla bemi ngezinyawo zabo, namehlo abo ayakushwabadela emigodini yabo, nolimi lwabo ludle emlonyeni wabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite