Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine yonke imiyalo yakhe, wenze lokhu engikuyala ngakho namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho uyakukuphakamisa phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Kuyothi uma ulalela nokulalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, uqikelele ukugcina yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla. USimakade uNkulunkulu wakho uyokuphakamisa phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:1
31 Referans Kwoze  

Uma nivuma, nilalela, niyakudla okuhle kwezwe;


Kodwa uba lilalela ilizwi lakhe, lenze konke engikutshoyo; khona ngiyakuba yisitha sezitha zakho, ngibe yisitha sabamelene nawe.


Ningabangane bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.


Wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine zonke izimiso zakhe, angiyikubeka nasinye salezi zifo. Engakwehlisela phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova ophilisayo.


Ngoba engithanda, ngakho ngizamsindisa; ngiyakumphakamisa, ngokuba elazi iGama lami.


Kuphela uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze yonke le miyalo engikuyala ngayo namuhla.


Uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nithande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,


Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade;


Tshela olungileyo ukuthi kuzakuba kuhle kuye, ngoba bazadla izithelo zezenzo zabo.


Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova; bonke abenza imiyalo yakhe banengqondo enhle; ukudunyiswa kwakhe kumi kuze kube phakade.


Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangahlali kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho, ukuba bakwenze.


Wathi kubo: “Yilowo nalowo owamukela lo mntwana egameni lami uyangamukela mina;


“ ‘Uma ningilalela nokungilalela,’ usho uJehova, “ningangenisi mthwalo ngamasango alo muzi ngosuku lwesabatha, kodwa ningcwelise usuku lwesabatha, ningenzi msebenzi ngalo;


aniphakamise ngaphezu kwezizwe zonke azenzileyo, ngodumo, negama, nodumo; futhi nibe yisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wenu, njengoba nje ekhulumile.


Engayala ngakho oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, esithandweni sensimbi, ngathi: Lalelani izwi lami, nenze njengokuniyala kwami; kanjalo niyakuba yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu;


Ubusisiwe ogcina ukulunga, nowenza ukulunga ngezikhathi zonke.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.


Uyaluphakamisa uphondo lwabantu bakhe, udumo lwabangcwele bakhe bonke; wabantwana bakwa-Israyeli, abantu ababeseduze naye. Dumisani uJehova.


Ngakho ngibheka yonke imiyalo yakho ngakho konke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga.


Khona angiyikujabha, uma ngigcina yonke imiyalo yakho.


Njalo uba befunda lokufunda izindlela zabantu bami, ukufunga ngebizo lami: Kuphila kukaJehova! njengoba bafundisa abantu bami ukufunga uBhali; khona-ke bayakwakhiwa phakathi kwabantu bami.


Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa ukugula phakathi kwakho.


Isibusiso, uma nilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla:


UJehova uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; futhi uyoba phezulu kuphela, futhi ngeke ube ngaphansi; uma niyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla ukuba niyigcine, niyenze;


UDavida wasebona ukuthi uJehova wayemmisile ukuthi abe yinkosi phezu kukaIsrayeli, ngoba umbuso wakhe waphakanyiswa ngenxa yabantu bakhe uIsrayeli.


UJehova unimisile namuhla ukuba nibe ngabantu bakhe abakhethekile njengokunithembisa kwakhe, nigcine yonke imiyalo yakhe;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite