Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 26:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo nangokwesabeka okukhulu nangezibonakaliso nezimangaliso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, nangezenzo ezesabekayo nezinkulu, nangezibonakaliso, nangezimangaliso,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 USimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, ngezenzo ezesabekayo nezinkulu, ngezibonakaliso nangezimangaliso.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 26:8
15 Referans Kwoze  

Noma uNkulunkulu wafuna ukuzibuthela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokwesabeka okukhulu, njengakho konke uJehova akwenzileyo. UNkulunkulu wenze kini eGibhithe phambi kwamehlo enu?


Khumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha kulo ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.


Wayesethi uMose kubantu: “Khumbulani lolu suku ekuphumeni kwenu eGibithe, endlini yobugqila; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo; akungadliwa isinkwa esivutshelweyo.


Kwathi ngalona lolo suku uJehova ekhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.


Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane lamatshumi amathathu, ngalona lolosuku, wonke amabutho eNkosi aphuma elizweni leGibhithe.


Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamsesi baya eSukoti, kungathi izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha ezihamba ngezinyawo, amadoda ngaphandle kwabantwana.


owabahola ngesandla sokunene sikaMose ngengalo yakhe ekhazimulayo, wababela amanzi phambi kwabo ukuba amenzele igama eliphakade na?


Ngakho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: NgiyiNkosi, futhi ngiyakunikhipha ngaphansi kwemithwalo yabaseGibhithe, futhi ngiyonikhulula ebugqilini babo, futhi ngiyonikhulula ngengalo eyeluliweyo nangamandla amakhulu. Izinqumo:


kuzo zonke izibonakaliso nezimangaliso uJehova amthuma ukuba azenze ezweni laseGibithe kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakulo lonke izwe lakhe,


nangaso sonke leso sandla esinamandla nakukho konke ukwesabeka okukhulu uMose akubonisayo phambi kwamehlo ka-Israyeli wonke.


Wakhipha abantu bakho u-Israyeli ezweni laseGibithe ngezibonakaliso, nangezimangaliso, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokwesaba okukhulu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite