Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 23:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Akukho mAmoni noma umMowabi oyakungena ebandleni likaJehova; bangangeni ebandleni likaJehova kuze kube isizukulwane seshumi kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaJehova, yebo, ongowabo akayikungena kuze kube nasesizukulwaneni seshumi ebandleni likaJehova kuze kube phakade,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 “Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abayukungena ebandleni likaSimakade, yebo, akukho namunye kubo oyakungena ebandleni likaSimakade kuze kube sesizukulwaneni seshumi, kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 23:3
11 Referans Kwoze  

Ngalezo zinsuku ngabona futhi amaJuda ayethathe abesifazane base-Ashidodi, abakwa-Amoni nabakwaMowabi.


Kodwa kwathi lapho uSanibhalati noThobiya nama-Arabhu nabantwana bakwa-Amoni nabase-Ashidodi bezwa ukuthi izindonga zaseJerusalema zazakhiwe nokuthi imifantu isiqalile ukuvalwa, bathukuthela kakhulu.


UThobiya umAmoni wayenaye, wathi: “Nalokho abakwakhayo, uma kukhuphuka impungushe, iyakuludiliza ugange lwabo lwamatshe.”


Wayesethi umhlengi: “Angikwazi ukuzihlenga ngokwami, ukuze ngingalimazi ifa lami; uyangishiya ngedwa; ngoba angikwazi ukukuhlenga.


Njalo indodana yowezizweni ozihlanganisa le Nkosi ingakhulumi ithi: I Nkosi ingahlukanisele lokungihlukanisa labantu bayo; nenduna mayingasho ukuthi: Bheka, ngimuthi owomileyo.


Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’


Makungangeni mfekethi ebandleni likaJehova; angangeni ebandleni likaJehova kuze kube isizukulwane seshumi.


Ngabantwana bakwa-Amoni, usho kanje uJehova, uthi: “U-Israyeli akanamadodana na? akanayo indlalifa? Pho kungani inkosi yabo ithatha uGadi futhi ihlalise abantu bayo emizini yakhe?


Isitha selulele isandla saso phezu kwazo zonke izinto zalo ezithandekayo, ngoba libona ukuthi abezizwe babengena endlini yalo engcwele, owazilaya ukuthi bangangeni ebandleni lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite