Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 20:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Izinceku ziyakukhuluma kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owakha indlu entsha, ongayingcwelisanga? makahambe abuyele endlini yakhe, funa afe empini, omunye ayingcwelise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Izinduna ziyakukhuluma kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owakhile indlu entsha engayivulanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayivule.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 “Izinduna ziyothi kubantu: ‘Iyiphi indoda eyakhe indlu entsha engakayivuli, na? Mayihambe, ibuyele endlini yayo, funa ifele empini, bese enye indoda isale iyivula.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 20:5
8 Referans Kwoze  

Ekwehlukaniselweni kogange lwaseJerusalema afuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba awalethe eJerusalema, ukugubha ukuhlanjululwa ngenjabulo, nangokubonga nangokuhlabelela, namasimbali, namahabhu, nangezinsimbi.


Ulethe lawa mashizi ayishumi enduneni yenkulungwane yabo, ubone ukuthi kuhamba kanjani kubafowenu, uthathe isibambiso kubo.


Uzikhethele abahluleli nababonisi kuwo wonke amasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona ngokwezizwe zakho; futhi bayokwahlulela abantu ngokwahlulela okulungileyo.


Ngase ngithatha izikhulu zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo nabadumileyo, ngabamisa baba yizinhloko phezu kwenu, izinduna zenkulungwane nezinduna zekhulu nezinduna zamashumi ayisihlanu nezinduna zeshumi nezinduna ezizweni zenu.


Izinduna zezinkulungwane zebutho, izinduna zezinkulungwane lezinduna zamakhulu zasondela kuMozisi.


UMose wazithukuthelela izinduna zempi nezinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ezazivela empini.


Ihubo nehubo ekungcwelisweni kwendlu kaDavide. Ngiyakukubonga, Jehova; ngokuba ungiphakamisile, awuvumelanga izitha zami ukuba zijabule ngami.


“Ngumuphi lowo otshale isivini kodwa engakasidli na? naye makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, adle omunye umuntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite