Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 20:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ukuze banganifundisi ukwenza njengazo zonke izinengiso zabo abazenzileyo konkulunkulu babo; kanjalo niyone kuJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 ukuze banganifundisi ukuba nenze zonke izinengiso zabo abazenzile konkulunkulu babo, none kuJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 ukuze banganifundisi ukwenza zonke izinengiso zabo abazenzele onkulunkulu babo, bese nona kuSimakade uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 20:18
22 Referans Kwoze  

Bangahlali ezweni lakini, funa bakwenze wone kimi; ngoba uma ukhonza onkulunkulu babo, kuzakuba lugibe kuwe.


Futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole.


Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni.


Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


Yazini impela ukuthi uJehova uNkulunkulu wenu akasayikuxosha nesisodwa salezi zizwe phambi kwenu; kodwa ziyakuba yizihibe nezihibe kini, neziswebhu ezinhlangothini zenu nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.


Uthathele amadodana akho amadodakazi abo, amadodakazi abo aphinge ngokulandela onkulunkulu babo, amadodana akho aphinge ngokulandela onkulunkulu bawo.


Imibango ehlanekezelayo yabantu abangqondo eyonakeleyo, abaswele iqiniso, bethi inzuzo ingukumesaba uNkulunkulu;


Ngalokho nami ngathi: Angiyikubaxosha phambi kwakho; kodwa bayakuba njengameva ezinhlangothini zenu, onkulunkulu babo bayakuba lugibe kini.


Futhi kuyokwenzeka ukuthi noma ngubani ongawalaleli amazwi ami ayowakhuluma egameni lami, ngizowafuna kuye.


Ziqaphele, funa ungenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, kungabi lugibe phakathi kwakho.


Akungenxa yokulunga kwakho noma ngenxa yobuqotho benhliziyo yakho ukuthi uyakudla ifa lezwe labo; kepha ngenxa yobubi balezi zizwe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzixosha phambi kwakho, agcwalise izwi uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


Kodwa kumelwe ubashaye ngesiqalekiso; amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi; njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala.


Lapho uvimbezela umuzi isikhathi eside ngokulwa nawo ukuze uwuthathe, akumelwe nichithe imithi yawo ngokuyigalela ngezembe; ngoba ungadla kuzo, ungazigawuli. Umuthi wasendle ungukuphila komuntu) ukuzisebenzisa ekuvinjezelweni;


Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera, njengalokho enzile u-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli; lonke ibandla lezulu lakhuleka, lazikhonza.


Aniyikwenza isivumelwano nabo noma nawonkulunkulu babo.


Lapho usufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ungafundi ukwenza izinengiso zalezo zizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite