Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 19:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ufakazi oyedwa akayikuma ngomuntu ngobubi noma ngesono kunoma yisiphi isono one ngaso; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Ufakazi oyedwa nje akayikumvukela umuntu ngobubi, noma ngesono, noma kuyisiphi isono ona ngaso; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 “Ubufakazi obuyokwethulwa ngumuntu oyedwa abunakumcindezela umuntu ngobubi, ngesono, noma nangasiphi isono one ngaso. Kodwa ngubufakazi bofakazi ababili noma abathathu obuyoyenza indaba ime iqine.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 19:15
12 Referans Kwoze  

Loba ngubani obulala umuntu, umbulali kumele abulawe ngomlomo wabofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakaza ngomuntu ukuba afe.


Sekungokwesithathu ngiza kini. Ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu wonke amazwi ayakuqiniswa.


Ngomlomo wawofakazi ababili noma kofakazi abathathu, lowo ofanele ukufa makabulawe; kodwa ngomlomo wofakazi oyedwa kayikubulawa.


Odelele umthetho kaMose wafa engenasihawu ngofakazi ababili noma abathathu;


Kodwa uma engakulaleli, thatha kanye nawe oyedwa noma ababili, ukuze ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu wonke amazwi aqiniswe.


Ungalamukeli ukumangalelwa ngelunga, ngaphandle kofakazi ababili noma abathathu.


Nasemlayweni wenu kulotshiwe ukuthi ubufakazi babantu ababili buqinisile.


Khona kwangena amadoda amabili, amadodana kaBheliyali, ahlala phambi kwakhe; abantu ababi bafakaza ngaye uNaboti phambi kwabantu, bathi: “UNabhoti uthukile uNkulunkulu nenkosi; Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.


libeke phambi kwakhe amadoda amabili, amadodana kaBheliyali, afakaze ngaye athi: Uthukile uNkulunkulu lenkosi; Bese nimkhiphela ngaphandle nimkhande ngamatshe, ukuze afe.


Umthetho wethu uyamgweba yini umuntu, ungakamuzwa, wazi akwenzayo na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite