Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 19:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ukuze kungachithwa igazi elingenacala ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho, kube phezu kwakho igazi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 ukuba igazi elingenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho, bese kuba yigazi phezu kwakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 ukuze igazi lomuntu ongenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho, ngaphandle kwalokho, uyothwala icala legazi.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 19:10
16 Referans Kwoze  

Izinyawo zabo zigijimela ebubini, bashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yobubi; incithakalo nokubhubhisa kusezindleleni zabo.


Amehlo aziqhenyayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala;


Base bebiza uJehova, bathi: “Siyakuncenga, Jehova, ukuba ungabhubhi ngenxa yokuphila kwalo muntu, ungachithi igazi elingenacala phezu kwethu; ngoba wena Jehova wenzile okuhle emehlweni akho.


IGibithe liyakuba yincithakalo, no-Edomi abe yihlane eliyincithakalo, ngenxa yobudlova phezu kwabantwana bakwaJuda, ngokuba bachitha igazi elingenacala ezweni labo.


Wachitha nangegazi elingenacala, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala; uJehova angayithethelelanga.


Ngaphezu kwalokho, uManase wachitha igazi eliningi elingenacala waze wagcwalisa iJerusalema kusukela komunye umkhawulo kuya komunye; ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.


Inkosi yathi kuye: “Yenza lokho akushilo, umhlasele, ummbele; ukuze ususe kimi nasendlini kababa igazi elingenacala uJowabe alichithile.


Iso lakho aliyikumhawukela, kepha wosusa igazi elingenacala kwa-Israyeli, ukuze kukuhambele kahle.


Ngakho-ke aniyikungcolisa izwe enikulo, ngokuba igazi liyangcolisa izwe; nezwe alinakuhlanjululwa egazini elichithwa kulo, kuphela ngegazi lalowo olichithile.


Babuthanela umphefumulo wolungileyo, balilahle igazi elingenacala.


Wanikela ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wambulala umFilisti, uJehova wenza ukusindisa okukhulu ku-Israyeli wonke; wakubona wathokoza; pho, niyakona ngani egazini elingenacala, nibulale uDavide ngeze, na?


Ngaphezu kwalokho, uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi ngeke ngiwele iJordani nokuthi ngeke ngingene kulelo zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona njengefa.


Uma ungena ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho, ulidle, uhlale kulo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite