Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 18:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Lapho umprofethi ekhuluma egameni likaJehova, le nto ingalandeli futhi ingenzeki, yizwi uJehova angalikhulumanga, kodwa umprofethi walikhuluma ngokugabadela; ungamesabi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 yazi-ke ukuthi lokhu umprofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese ingenzeki leyo nto, ingaveli iyiyo leyo nto, akusiye uJehova oyikhulumile; umprofethi uyikhulumile ngokuziqhenya; ungamesabi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 “Uma umphrofethi ekhuluma egameni likaSimakade, leyo nto ingenzeki, nezwi alikhulumile lingafezeki, lelo lizwi kalikhulunywanga nguSimakade, kodwa ngumphrofethi ozikhulumele nje lokho, ezigabisa; ungamesabi.”

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 18:22
13 Referans Kwoze  

Kodwa umprofethi ozidlayo ukuba akhulume izwi egameni lami engingamyalanga ukuba alikhulume, noma oyakukhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi naye uyakufa.


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze wafa. Umprofethi u-Isaya, indodana ka-Amose, wafika kuye, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: “Lungisa indlu yakho; ngoba uyakufa, ungaphili.


Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, akusikho lokho engakusho ngisezweni lakithi na? Ngalokho ngabalekela eTharishishi ngaphambili, ngokuba ngangazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nesihe, obhekakade, nochichima umusa, futhi uyaphenduka ebubini.


Mabayikhiphe basitshele okuzokwenzeka; noma usazise okuzayo.


Njengenyoni ezulazulayo, njengenkonjane indiza, kanjalo isiqalekiso asiyikufika ngaphandle kwesizathu.


UJona waqala ukungena emzini, uhambo losuku, wamemeza wathi: Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, beselichithwa iNineve.


Futhi uma uthi enhliziyweni yakho: Singalazi kanjani izwi uJehova angalikhulumanga?


Wathi uMika: “Uma ubuya nokubuya ngokuthula, uJehova akakhulumanga ngami.” Wathi: Lalelani nina bantu nonke!


USamuweli wakhula, uJehova wayenaye, akavumelanga ukuba kuwele phansi nelilodwa lamazwi akhe.


Thula, nyama yonke, phambi kweNkosi, ngoba ivukile endaweni yayo yokuhlala engcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite