Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 17:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ukuze inhliziyo yakhe ingaziphakamisi phezu kwabafowabo, angaphambuki emyalweni wakhe, ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze andise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo, angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze azandise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 angaziboni engcono kunabafowabo, angaphambuki emiyalweni aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze zande izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe, phakathi kuka-Israyeli.”

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 17:20
39 Referans Kwoze  

Ngokuba uDavide wenza okulungile emehlweni kaJehova, akaphambukanga kukho konke amyale ngakho zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kuphela endabeni ka-Uriya umHeti.


Ngakho lizakwenza lokunanzelela njengokukulaya kukaJehova uNkulunkulu wakho: lingaphambukeli ngakwesokunene loba kwesokhohlo.


Ngokuba usuku lukaJehova Sebawoti luyakuba phezu kwabo bonke abazidlayo nabakhukhumeleyo, naphezu kwabo bonke abaziphakamisayo; futhi uyothotshiswa.


Futhi ukuze ngingaziphakamisi ngokungaphezu kwesilinganiso ngobuningi bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane ukuba ingishaye, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.


Bheka, umphefumulo wakhe oziphakamisile awulungile kuye, kepha olungileyo uyakuphila ngokholo lwakhe.


Kodwa kwababi akuyikuhamba kahle, futhi akayikwandisa izinsuku zakhe njengethunzi; ngoba akamesabi uNkulunkulu.


Ngokuba ingcebo ayihlali phakade, nomqhele ungahlala ezizukulwaneni ngezizukulwane na?


Ukumesaba uJehova kwandisa izinsuku, kepha iminyaka yababi iyafinyezwa.


Uma abantwana bakho begcina isivumelwano sami nobufakazi bami engizobafundisa bona, nabantwana babo bayakuhlala esihlalweni sakho sobukhosi kuze kube phakade.


Futhi, inceku yakho iyaxwayiswa yizo, futhi ukuzigcina kukhona umvuzo omkhulu.


Ngokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho wezwa amazwi akhe ngale ndawo nabakhileyo kuyo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami; nami nginizwile,” usho uJehova.


Akazithobanga phambi kukaJehova njengalokho wazithoba uManase uyise; kepha u-Amoni wona ngokwandayo.


Nomkhuleko wakhe nokuthi uNkulunkulu wezwakala kanjani kuye, nazo zonke izono zakhe, neziphambeko zakhe, nezindawo akhe kuzo izindawo eziphakemeyo, wamisa iziqu zemithi engcwele nemifanekiso ebaziweyo, ngaphambi kokuba athotshiswe; bheka, kulotshiwe phakathi kwezahlulelo zababoni.


Lapho esosizini, wancenga uJehova uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wawoyise.


Kodwa lapho esenamandla, inhliziyo yakhe yaziphakamisa kwaze kwaba sekubhujisweni kwakhe; ngokuba waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wangena ethempelini likaJehova ukuba ashise impepho e-altare lempepho.


Lithi: Khangela, ubatshayile abakwaEdoma; futhi inhliziyo yakho ikuphakamisele enkazimulweni; hlala ekhaya manje; Ugxambukelani ebubini bakho, ukuze uwe, wena noJuda kanye nawe?


Impela umshayile u-Edomi, inhliziyo yakho ikuphakamisile; hloniphani lokhu, nihlale ekhaya;


UJehova wathi kuJehu: “Ngenxa yokuthi wenze kahle ngokwenza okulungile emehlweni ami futhi wenze kuyo indlu ka-Ahabi ngokuvumelana nakho konke okwakusenhliziyweni yami, abantwana bakho besizukulwane sesine bayohlala esihlalweni sobukhosi yakwa-Israyeli.


Indodana yakhe ngizayinika isizwe esisodwa, ukuze inceku yami uDavida ibe lokukhanya njalo phambi kwami eJerusalema, umuzi engizikhethele wona ukuthi ngimise khona ibizo lami.


Kodwa ngeke ngiwususe wonke umbuso esandleni sakhe, kodwa ngokuqinisekile ngizombeka abe yisikhulu zonke izinsuku zokuphila kwakhe ngenxa kaDavide inceku yami engiyikhethile, ngoba yagcina imiyalo yami nezimiso zami.


Ngokuba ukuhlubuka kufana nesono sokuthakatha, nenkani ingububi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabi yinkosi.


Njengomthetho abayakunifundisa wona, nanjengesahlulelo abayakukutshela sona, nikwenze;


Konke engikuyala ngakho, nikwenze ngokucophelela;


Lalela, uzwe wonke lawa mazwi engikuyala ngawo, ukuze kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, uma nenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wenu.


Aniyikudla; ukuze kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho, uma wenza okulungile emehlweni kaJehova.


Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma uthanda ukugcina imiyalo yakhe noma qha.


Aniyikwengeza lutho ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyikuthatha lutho kulo, ukuze nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


Ngokunjalo, nina basha, thobelani abadala. Yebo, nonke thobelani omunye komunye, nembathe ukuthobeka, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Angichezuki ezahlulelweni zakho, ngokuba ungifundisile.


USamuweli wayesebatshela abantu indlela yombuso, wayiloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova. USamuweli wayesebamukisa bonke abantu, kwaba yilowo nalowo waya endlini yakhe.


Ngokuba zonke izimiso zakhe zaziphambi kwami, nezimiso zakhe angisukanga kuzo.


ugcine umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe, njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo; futhi nomaphi lapho uphendukela khona;


Wahamba ezonweni zonke zikayise azenza ngaphambi kwakhe; inhliziyo yakhe yayingaphelele kuJehova uNkulunkulu wakhe njengenhliziyo kaDavide uyise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite