Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 17:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa akumelwe azandisele amahhashi futhi angavumeli abantu babuyele eGibhithe ukuze andise amahhashi;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha akayikuzandisela amahhashi, angabuyiseli abantu eGibithe, ukuze andise amahhashi, ngokuba uJehova ushilo kini, wathi: ‘Anisayikubuyela ngaleyo ndlela.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kodwa akumele abe namahhashi amaningi, futhi angababuyiseli abantu eGibhithe, ukuze athole amahhashi amaningi. Ngokuba uSimakade ushilo kini, wathi: ‘Anisayukubuyela ngaleyo ndlela.’

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 17:16
23 Referans Kwoze  

Kodwa wamhlubuka ngokuthuma izithunywa zakhe eGibithe, ukuze amnike amahhashi namadoda amaningi. Ingabe uzophumelela? Uyophunyuka yini owenza izinto ezinjalo? Noma ingabe uzoliphula futhi asindiswe?


UJehova uyakukubuyisela eGibithe ngemikhumbi endleleni engasho ngayo kuwe ukuthi: ‘Awuyikuyibona futhi; niyothengiswa lapho ezitheni zenu, nibe yizigqila nezigqilakazi, ningathengwa muntu.


Kayikubuyela elizweni leGibhithe, kodwa iAsiriya lizakuba yinkosi yayo, ngoba bala ukubuya.


Abanye bathemba izinqola, abanye amahhashi, kepha thina siyakulikhumbula igama likaJehova uNkulunkulu wethu.


USolomoni wayenezibaya eziyizinkulungwane ezingamashumi amane zezinqola zakhe nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili.


Kwathi uFaro esebayekele abantu bahambe, uNkulunkulu kabaholanga ngendlela yelizwe lamaFilisti, lanxa yayiseduze; ngoba uNkulunkulu wathi: Ukuze abantu bangaphenduki nxa bebona impi babuyele eGibhithe.


U-Adoniya indodana kaHagiti waziphakamisa, wathi: “Mina ngiyakuba yinkosi; wamlungisela izinqola, nabamahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukuba bagijime phambi kwakhe.


UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi; yimani, nibone ukusindiswa kweNkosi ezonenzela khona namuhla; ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubabona kuze kube phakade.


IAsiriya ngeke isikhulule; asiyikugibela amahhashi, nomsebenzi wezandla zethu asisayikusho ukuthi: Ningonkulunkulu bethu, ngokuba intandane ithola umusa kuwe.


UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amabili;


Wathi: “Nansi indlela yenkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, iwamisele wona abe yizinqola zayo nangabamahhashi bayo; abanye bayakugijima phambi kwezinqola zakhe.


USolomoni wayenezitebele eziyizinkulungwane ezine zamahhashi nezezinqola, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili; eyakubeka emizini yempi nasenkosini eJerusalema.


Kodwa uNkulunkulu wabajikelezisa abantu endleleni eya ehlane loLwandle LwaseShelefu; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ezweni laseGibithe.


Amahhashi uSolomoni ayenawo aphuma eGibithe nezindwangu zelineni; abathengisi benkosi bamukela ilineni ngentengo.


Izwe labo ligcwele isiliva negolide, ingcebo yabo ayipheli; izwe labo ligcwele amahhashi, nezinqola zabo azipheli.


UJehova wathi ngani, nsali yakwaJuda! Ningayi eGibithe; yazini impela ukuthi nginixwayisile namuhla.


Ngalolo suku,” usho uJehova, “ngiyonquma amahhashi akho phakathi kwakho futhi ngichithe izinqola zakho.


Yaleza manje ukuba bangigawulele imisedari eLebanoni; izinceku zami ziyakuba nezinceku zakho, futhi wena ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho njengakho konke oyakumisayo; ngoba uyazi ukuthi kakho phakathi kwethu ongagawula imithi njengamaSidoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite