3 Ungadli isinengiso;
3 “Ungadli into enengekayo.
3 “Ungayidli noma yini enengekayo.
Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, umphefumulo wami awungcoliswanga, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angizange ngikudle okufayo nokudwenguliwe; futhi kakuzange kungene nyama enengekayo emlonyeni wami.
Ngiyazi, futhi ngiyaqiniseka eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo;
Ngakho kumelwe wenze umehluko phakathi kokuhlanzekile nokungcolile phakathi kwezinyoni ezingcolile nezihlanzekile; aniyikwenza imiphefumulo yenu ibe yisinengiso ngezilwane, nangezinyoni, nangezilwane ezinwabuzelayo emhlabeni engizahlukanisele kini njengabangcolile.
Lingazenzi libe yisinengiso ngezilwanyana ezinwabuzelayo, futhi lingazingcolisi ngayo ukuze ningcoliswe yiyo.
Kwabahlanzekile konke kuhlanzekile, kodwa kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho okuhlanzekileyo; kodwa ngisho ingqondo nonembeza wabo kungcolile.
Kodwa uma umuntu ethi kini: Lokhu kuhlatshelwe izithombe, ningadli ngenxa yalowo okubonisileyo nangenxa kanembeza, ngokuba umhlaba ungoweNkosi nokugcwala kwawo;
ababehlala emangcwabeni, belala emangcwabeni, bedla inyama yengulube, lesobho eliyisinengiso lisezintsheni zabo;
Kuzo zonke izilwane ezihlanzekile kumelwe uzithathele eziyisikhombisa, iduna nensikazi yalo; Ezinyameni ezihlambulukileyo, ngambili ngambili, iduna nensikazi yalo.
Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi: Lezi ziyizilwane enizazidla phakathi kwezilwane zonke ezisemhlabeni.