Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 13:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Uma kuvela phakathi kwenu umprofethi noma umphuphi wamaphupho, aninike isibonakaliso nesimangaliso,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Uma kuvuka phakathi kwakho umprofethi, noma umphuphi wamaphupho, akunike isibonakaliso nesimangaliso,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Uma kuba khona umphrofethi phakathi kwenu, noma ophupha amaphupho, anitshele isibonakaliso nesimangaliso,

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 13:1
27 Referans Kwoze  

Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maningakhohliswa abaprofethi benu nabathakathi benu abaphakathi kwenu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo.


Ngakho ningalaleli abaprofethi benu, nabahlola imihlola, nabaphuphayo benu, nabathakathi benu, nabathakathi benu abakhuluma kini, bathi: ‘Aniyikukhonza inkosi yaseBabele.


Omdala nohloniphekileyo uyinhloko; nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.


Wathi kuye: “Nami ngingumprofethi njengawe; ingelosi yakhuluma kimi ngezwi likaJehova, yathi: “Mbuyisele endlini yakho ukuba adle isinkwa, aphuze amanzi. Kodwa wamqambela amanga.


Yena lowo ukufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo wonke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga;


Maye kini, nxa bonke abantu bekhuluma kahle ngani! ngoba oyise babo benza njalo kubaprofethi bamanga.


Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, nabakhethiweyo.


Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo.


Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi.


Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


Kuyothi ngalolo suku abaprofethi bahlale benamahloni, kube yilowo nalowo ebusweni bakhe, uma eprofethile; futhi bangembathi ingubo emahhadla ukuze bakhohlise;


Ngokuba izithombe zikhulume okuyize, nabahlola imihlola babone amanga, bakhuluma amaphupho amanga; baduduza ize; ngalokho zahamba njengomhlambi, zethuka, ngokuba kwakungekho umalusi.


Ngalokho anisayikubona okuyize nokubhula; ngokuba ngiyakubasindisa abantu bami esandleni sakho, nazi ukuthi nginguJehova.


Ngokuba umprofethi nompristi bangcolile; yebo, endlini yami ngifumene ububi babo, usho uJehova.


Ngoba kusukela komncinyane kuya komkhulu wabo wonke uzinikele ekuhambweni; kusukela kumprofethi kuye kumpristi bonke benza amanga.


Kepha kwakukhona nabaprofethi bamanga phakathi kwabantu, njengokuba naphakathi kwenu kuyakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso ezibhubhisayo, bephika neNkosi eyabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo.


Futhi kumelwe ukhulume noShemaya waseNehelami uthi:


Kodwa umprofethi ozidlayo ukuba akhulume izwi egameni lami engingamyalanga ukuba alikhulume, noma oyakukhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi naye uyakufa.


“Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga,” usho uJehova, “bawatshele, badukise abantu bami ngamanga abo nangenkohliso yabo; kodwa angibathumanga, futhi angibayalanga; ngalokho abayikubasiza laba bantu nangayiphi indlela,” usho uJehova.


INkosi ikumise ube ngumpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi, ukuba ube ngababonisi endlini kaJehova, ngokuba noma ngubani ohlanyayo azenze umprofethi uyakumfaka etilongweni nasezitokisini.


Zwana-ke, Israyeli, izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


Aniyikwengeza lutho ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyikuthatha lutho kulo, ukuze nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


Wabuya naye, wadla isinkwa, waphuza namanzi endlini yakhe.


Ungengezi emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite