Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 11:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngiyakuthumelela izinkomo zakho utshani edlelweni lakho, udle, usuthe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngiyakunika izinkomo zakho utshani emadlelweni akho; uyakudla, usuthe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Ngiyakunika izinkomo zakho utshani emadlelweni akho; uyodla, waneliswe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 11:15
12 Referans Kwoze  

nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, nemithombo eningayimbanga, izivini neminqumo eningayitshalanga; uma udla usuthe;


Uhlumisela izinkomo utshani, nezitshalo zokusebenzela umuntu, ukuze kuphume ukudla emhlabeni;


Yebo, uJehova uyakuphendula athi kubantu bakhe: “Bhekani, nginithumelela ukolweni newayini namafutha, nisuthe ngakho; angisayikunenza nibe yihlazo phakathi kwezizwe.


Ningesabi nina zilwane zasendle, ngokuba amadlelo asogwadule ahluma, ngokuba umuthi uthela izithelo zawo, umkhiwane nomvini kuyabanika amandla.


Lapho usudlile usuthe, kumelwe udumise uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.


Nihlwanyele okuningi, ningenise okuncane; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha anisuthi ngokuphuzwayo; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; noholayo uhola ngokuwaphonsa esikhwameni esinezimbobo.


Yeka ukububula kwezilwane! imihlambi yezinkomo ididekile, ngoba ayinadlelo; yebo, imihlambi yezimvu isiyincithakalo.


Yebo, nembabala yazala endle, yalishiya, ngokuba kwakungekho tshani.


U-Ahabi wayesethi ku-Obadiya: “Hamba uye ezweni, emithonjeni yonke yamanzi nakuyo yonke imifudlana; mhlawumbe singafumana utshani bokuphila amahhashi neminyuzi, ukuze singalahlekelwa yizo zonke izilwane.


Ukubhula kwenu kuyakufika ekuvuneni, nokuvuna kube yisikhathi sokuhlwanyela; kumelwe udle isinkwa sakho ngokusutha futhi uhlale ngokulondeka ezweni lakini.


Niyakudla ngokuchichimayo, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; futhi abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite