Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 10:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bheka, izulu nezulu lamazulu linguJehova uNkulunkulu wakho, nomhlaba nakho konke okukuwo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Bheka, izulu nezulu lamazulu lingelikaJehova uNkulunkulu wakho, nomhlaba nakho konke okukuwo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 “Bheka, izulu nezulu lamazulu, nomhlaba nakho konke okukuwo, kungokukaSimakade uNkulunkulu wakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 10:14
21 Referans Kwoze  

Uma manje nilalela ngempela izwi lami futhi nigcina isivumelwano sami, niyoba ingcebo yempahla yami ngaphezu kwabantu bonke, ngoba umhlaba wonke ungowami.


Ihubo likaDavide. Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo; umhlaba nabahlala kuwo.


Izulu, yebo, izulu ngelikaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.


Wena, yebo, wena unguJehova wedwa; Wena walenza izulu, izulu lamazulu, nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuwo, uyakulonda konke; nebandla lezulu liyakukhonza.


Mdumiseni nina mazulu ezulu, nani manzi aphezu kwezulu.


Kodwa ingabe uNkulunkulu uzophila ngempela emhlabeni? bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo?


Uma bengilambile, bengingeke ngikutshele, ngokuba umhlaba ungowami nokugcwala kwawo.


Kodwa ingabe ngempela uNkulunkulu uyohlala nabantu emhlabeni? bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo!


UMozisi wasesithi kuye: Nxa ngiphuma emzini, ngizakwelulela izandla zami eNkosini; nokuduma kuyonqamuka, nesichotho ngeke sisaba khona; ukuze nazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.


Kodwa uma umuntu ethi kini: Lokhu kuhlatshelwe izithombe, ningadli ngenxa yalowo okubonisileyo nangenxa kanembeza, ngokuba umhlaba ungoweNkosi nokugcwala kwawo;


Ngokuba umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo.


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami. Iphi indlu oNgakhela yona? iphi indawo yami yokuphumula na?


Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umnini wezulu nomhlaba.


UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena eyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla;


Ngazi umuntu okuKristu eminyakeni eyishumi nane edlule (noma wayesemzimbeni angazi, noma wayengaphandle komzimba, angazi, uNkulunkulu uyazi), onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu.


ukugcina imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla kube kuhle kuwe na?


Akakho onjengoNkulunkulu kaJesuruni, ogibela isibhakabhaka ekusizeni kwakho nokuphakama kwakhe esibhakabhakeni.


Ngubani ovimbile ukuba ngimbuyisele? konke okuphansi kwezulu lonke kungokwami.


Lowo ogibele izulu lamazulu, owayekhona endulo; bheka, uyalithuma izwi lakhe, futhi liyizwi elinamandla.


U-Abrama wathi enkosini yaseSodoma: “Ngaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, ongumnikazi wezulu nomhlaba,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite