Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 1:30 - Contemporary Zulu Bible 2024

30 UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke akwenza kini phambi kwamehlo enu eGibithe;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke anenzela khona eGibithe emehlweni enu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 USimakade uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyonilwela, njengoba enza kini eGibhithe nibuka.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 1:30
30 Referans Kwoze  

UJehova uyakunilwela, nina nithule;


Nomaphi lapho nizwa khona ukukhala kwecilongo, niye khona; uNkulunkulu wethu uyakusilwela.


Qha, kukho konke lokhu singabanqobi ngaye owasithandayo.


Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Akumelwe nibesabe; ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakunilwela.


UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyisiphephelo sethu. Sela.


UJoshuwa wawathatha wonke la makhosi nezwe lawo kanyekanye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wayewalwela u-Israyeli.


Okunaye ingalo yenyama; kodwa okunathi uJehova unguNkulunkulu wethu ukuba asisize, alwe izimpi zethu. Abantu bema emazwini kaHezekiya inkosi yakwaJuda.


Ase ekhumula amasondo ezinqola zawo, awagibelisa, kangangokuthi abaseGibithe bathi: “Masibaleke phambi kuka-Israyeli; ngoba uJehova uyabalwela emelene labaseGibhithe.


Ngase ngithi kini: Ningabesabi, ningabesabi.


Alukho usuku olunjengalolo ngaphambi kwakhe nangemva kwalokho uJehova walilalela izwi lomuntu; ngokuba uJehova wamlwela u-Israyeli.


Senikubonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzileyo kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu; ngoba uJehova uNkulunkulu wenu nguye owanilwelayo.


Ngase ngibheka, ngasukuma ngathi ezikhulwini nakubabusi nakwabanye abantu: “Ningabesabi; khumbulani uJehova, omkhulu nowesabekayo, nilwele abafowenu, namadodana enu, namadodakazi enu, omkenu, nezindlu zenu.


INkosi yasisithi kuMozisi: Yelulela isandla sakho ezulwini, ukuze kube lobumnyama phezu kwelizwe leGibhithe, yebo, ubumnyama obuphathekayo.


Nabona engakwenzayo kwabaseGibithe, nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.


Noma uNkulunkulu wafuna ukuzibuthela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokwesabeka okukhulu, njengakho konke uJehova akwenzileyo. UNkulunkulu wenze kini eGibhithe phambi kwamehlo enu?


Ungabesabi, kepha khumbula kahle lokho uJehova uNkulunkulu wakho akwenza kuFaro nakulo lonke iGibithe;


Nezimangaliso zakhe nemisebenzi yakhe ayenza phakathi kweGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe nakulo lonke izwe lakhe;


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kubo: “Nikubonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibhithe kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakulo lonke izwe lakhe;


UJehova uNkulunkulu wakho nguyena oyakuwela phambi kwakho, achithe lezi zizwe phambi kwakho, uzidle; uJoshuwa yena uyakuphuma phambi kwenu, njengalokho eshilo uJehova.


kuzo zonke izibonakaliso nezimangaliso uJehova amthuma ukuba azenze ezweni laseGibithe kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakulo lonke izwe lakhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite