Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 1:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 Nakhonona ematendeni enu, nathi: ‘Ngokuba uJehova wayesizondile, wasikhipha ezweni laseGibithe ukuze asinikele esandleni sama-Amori ukuba asibhubhise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 nakhonona ematendeni enu, nathi: ‘Ngokuba uJehova wasizonda, wasikhipha ezweni laseGibithe ukuba asinikele esandleni sama-Amori, sichithwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 nakhononda emathendeni enu, nathi: ‘Kungenxa yokuba uSimakade esizonda okwenze ukuba asikhiphe eGibhithe ukuzosinikela esandleni sama-Amori, ukuba asibhubhise.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 1:27
8 Referans Kwoze  

Izwe owasikhipha kulo malingasho ukuthi: ‘Ngokuba uJehova wayengenakubangenisa ezweni abathembisa lona, nangokuba wayebazonda, wabahola ukuba ababulale ehlane.


Kepha bakhonona ematendeni abo, kabalilalelanga izwi likaJehova.


UJehova usiletheleni kuleli zwe ukuba siwe ngenkemba, omkethu nabantwana bethu babe yimpango na? Bekungengcono yini ukuba sibuyele eGibithe na?


Ngokuba bengikwesaba, lokhu ungumuntu olukhuni; uthatha ongakubekanga, uvune ongakuhlwanyelanga.


Khona weza obamukele italenta lalinye, wathi: Nkosi, bengikwazi wena ukuthi ungumuntu olukhuni, uvuna lapho ongahlwanyelanga khona, ubutha lapho ongazange uhlakaze khona;


Abantu bakhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba sifele ehlane na? ngokuba akukho sinkwa namanzi; umphefumulo wethu uyasenyanya lesi sinkwa esilula.


Wayesethi uMose: “Kuyakuthi uma uJehova eninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nesinkwa ekuseni nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa ukububula kwenu ngaye. Futhi siyini? anikhononi ngathi, kepha niphikisana neNkosi.


Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, sihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla inala yesinkwa; ngoba nisikhiphise kuleli hlane ukuba nibulale lonke leli bandla ngendlala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite