Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lawa angamazwi uMose awakhuluma ku-Israyeli wonke ngaphesheya kweJordani ehlane ethafeni eliphambi koLwandle LweShelf, phakathi kwePharanu neThofeli neLabani neHaseroti neDisagabi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Lawa angamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli ngaphesheya kweJordani ehlane e-Araba, malungana neSufi, phakathi kwePharanu, neThofeli, neLabani, neHaseroti, neDi Zahabi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Lawa ngamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli phesheya kweJordani, ehlane i-Araba, maqondana neSufi, phakathi kwePharanu, iThofeli, iLabhani, iHazerothi, neDi Zahabhi.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 1:1
29 Referans Kwoze  

Wafa uSamuweli; bonke abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamlilela, bammbela endlini yakhe eRama. UDavide waqeda, wehlela ehlane lasePharanu.


Ingxenye yesizwe sakwaManase uMose wayinika izwe eBashani, kepha enye ingxenye yalo uJoshuwa wayinika phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga. Futhi lapho uJoshuwa wabamukisa ematendeni abo, wababusisa.


Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengokusho kwakhe kubo; ngalokho buyelani manje, niye ematendeni enu nasezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.


nakho konke akwenza emakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, kuSihoni, inkosi yaseHeshiboni, naku-Ogi inkosi yaseBashani owayese-Ashitaroti.


Kwasekusithi lapho wonke amakhosi ayengaphetsheya kweJodani, ezintabeni, leezigodini, lakuyo yonke imikhawulo yoLwandle oluKhulu malungana leLebhanoni, amaHethi, lamaAmori, lamaKhanani, lamaPherizi, amaHivi namaJebusi ezwa ngakho;


Wathi: “UJehova wavela eSinayi, wabavukela evela eSeyiri; wakhanya entabeni yasePharanu, weza nabangcwele abayizinkulungwane eziyishumi; esandleni sakhe sokunene kwaphuma umthetho womlilo kubo.


Niyakunikela imizi emithathu ngaphesheya kweJordani, ninike imizi emithathu ezweni laseKhanani, ibe yimizi ekhululekile.


Izizwe ezimbili nengxenye yesizwe zadla ifa lazo nganeno kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga ngasempumalanga.


Sizachapha sihlomile phambi kwe Nkosi, siye elizweni leKhanani, ukuze ifa lethu elisempumalanga kweJordani libe ngelethu.


Ngoba ngeke senze amatulo phesheya kweJordani noma ngaphambili; ngoba ifa lethu lisempumalanga yeJordani.


Ngakho bathi: Uba sifumene umusa emehlweni akho, kaliphiwe inceku zakho lelilizwe libe yilifa, ungasiweli iJordani.


UMose wabathuma besuka ehlane lasePharanu ngesiyalezo sikaJehova; wonke lawo madoda ayezinhloko zabantwana bakwa-Israyeli.


Ngemva kwalokho abantu basuka eHazerothi bamisa inkamba enkangala yePharanu.


Abantu basuka eKibroti-Hathava baya eHaseroti; wahlala eHaseroti.


Abantwana bakwa-Israyeli baphuma ehlane laseSinayi; ifu lahlala ehlane lasePharanu.


Wahlala ehlane lasePharanu, unina wamthathela umfazi ezweni laseGibithe.


Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.


UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele evela entabeni yasePharanu. Sela. Inkazimulo yakhe yasibekela amazulu, futhi umhlaba ugcwele indumiso yakhe.


Basuka eRimoni-Pharesi bamisa inkamba eLibina.


Sase sidlula kubafowethu, abantwana bakwa-Esawu, ababehlala eSeyiri, ngendlela yase-Elati nase-Esiyoni-Geberi, saphenduka sahamba ngendlela yasehlane lakwaMowabi.


Ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori, ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni, owanqoba uMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.


Amanzi ehla evela phezulu ema akhuphuka aba yinqwaba kude kakhulu nomuzi ka-Adamu oseceleni kweSaretani, nalawo ayehlela olwandle lwaseThafeni, uLwandle Lukasawoti, aphela, aqedwa; abantu badabula iJeriko.


Basuka kwaMidiyani, bafika ePharanu; owamnika indlu wambekela ukudla, wamnika nezwe.


Basuka eLibina, bamisa inkamba eRisa.


UMose wabiza wonke u-Israyeli, wathi kubo: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zenu namuhla ukuba nifunde, nizigcine, nizenze.


UMose kanye namalunga akwa-Israyeli babayala abantu, bathi: “Gcinani yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla.


Lawa angamazwi esivumelwano uJehova ayala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.


UMose wahamba wakhuluma lawa mazwi ku-Israyeli wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite