Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 9:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Yebo, ngisakhuluma emkhulekweni, umuntu uGabriyeli engambona embonweni ekuqaleni, wandiza masinyane, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabhriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 9:21
27 Referans Kwoze  

Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “Mina nginguGabriyeli, omayo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe, ngikubikele lezi zindaba ezinhle.


Ngase ngizwa izwi lomuntu phakathi kwezingu-ma zase-Ulayi limemeza lithi: “Gabriyeli, lo muntu mawuqonde umbono.”


Bheka, onjengamadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngivula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi kobemi phambi kwami: “O nkosi yami, ngokubona izinsizi zami ziphendukele kimi, angibange ngibe namandla.


Kwathi ngesikhathi somhlatshelo womhlatshelo wakusihlwa u-Eliya umprofethi wasondela, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, makwazeke namuhla ukuthi uNkulunkulu wakho ukhona kwa-Israyeli! nokuthi ngiyinceku yakho, nokuthi ngenzile zonke lezi zinto ngezwi lakho.


Azisibo yini zonke omoya abakhonzayo, abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakuba yizindlalifa zensindiso na?


Wabona embonweni ngokusobala, kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini ingelosi kaNkulunkulu iza kuye, ithi kuye: “Korneliyu!”


Kwasekusiza futhi, wangithinta njengokubukeka komuntu, wangiqinisa;


Esakhuluma nami, ngase ngilele ubuthongo obunzima, ubuso bami bubheke phansi, kepha wangithinta, wangimisa.


Phezu kwalo kwakumi amaserafi, yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili yamboza ubuso bayo, nangamabili yamboza izinyawo zayo, nangamabili yandiza.


Dumisani uJehova, nina zingelosi zakhe, enibusa ngamandla, enigcina imiyalo yakhe, nilalele izwi lezwi lakhe.


Elinye iwundlu kumelwe ulilungise ekuseni; elinye iwundlu kumelwe ulilungise kusihlwa.


Nangezingelosi uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, nezikhonzi zakhe amalangabi omlilo.


Bheka, ingelosi yeNkosi yeza phezu kwakhe, nokukhanya kwakhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa, yathi: “Vuka masinyane. Futhi amaketanga akhe awela ezandleni zakhe.


Ngangomuso besahamba, besondela emzini, uPetru wakhuphukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha;


Kepha oPetru noJohane benyukela kanyekanye ethempelini ngehora lokukhuleka eliyihora lesishiyagalolunye.


Kwathi ngehola lesificamunwemunye uJesu wamemeza ngelizwi elikhulu, wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?


Bheka, kwangithinta isandla, sangimisa emadolweni ami nasezintendeni zezandla zami;


Izidalwa eziphilayo zazigijima futhi zibuye njengokubonakala kombani.


Babunjalo ubuso bazo, namaphiko azo ayelulekele phezulu; yileso naleso amaphiko amabili ahlangene, amabili embesa imizimba yazo.


owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya; izinceku zakhe umlilo ovutha amalangabi.


Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile othiwa iNazaretha.


Ngabona kanjalo embonweni amahhashi nabahlezi phezu kwawo benezivikelo zesifuba zomlilo, nezehiyakinte, nezesibabule, namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama; emilonyeni yazo kwakuphuma umlilo, nomusi, nesibabule.


Umkhuleko wami mawube yimpepho phambi kwakho; nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomhlatshelo.


Ngisho noma la madoda amathathu, uNowa, uDaniyeli noJobe, ebekhona kulo, ayeyosindisa umphefumulo wawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.


Lapho sekuntambama sebeprofethile kwaze kwafika isikhathi somnikelo wakusihlwa, kwakungekho zwi noma ophendulayo noma olalelayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite