Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 9:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Manje yizwa, Nkulunkulu wethu, umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, futhi mawukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele echithekile ngenxa yeNkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakele ngenxa yeNkosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 “Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakeleyo ngenxa yeNkosi.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 9:17
20 Referans Kwoze  

Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, khanyisa ubuso bakho; futhi siyakusindiswa.


Ngenxa yentaba yaseSiyoni eseyincithakalo, izimpungushe zihamba phezu kwayo.


Ngokuba zonke izithembiso zikaNkulunkulu kuye zinguyebo, futhi kuyena zingu-Amen, kube inkazimulo kaNkulunkulu ngathi.


Sibuyise, Nkulunkulu Sebawoti, ukhanyise ubuso bakho; futhi siyakusindiswa.


Phenduka, Nkulunkulu, ukhanyise ubuso bakho; futhi siyakusindiswa.


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nokukhanya kwawo iWundlu.


Kuze kube manje anikaceli lutho egameni lami; celani, nizakwamukeliswa, ukuze ukuthokoza kwenu kugcwale.


O Nkosi, yizwa; O Nkosi, thethelela; Jehova, yizwa, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba igama lakho libizwe phezu komuzi wakho naphezu kwabantu bakho.


Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho; ungifundise izimiso zakho.


Ihubo lika-Asafa. Zwana, Malusi ka-Israyeli, wena ohola uJosefa njengomhlambi; wena ohlezi phakathi kwamakherubi, khazimula.


Kumholi wokuhlabelela ngeNeginoti, iHubo. Futhi makukhanye ubuso bakhe phezu kwethu; Sela.


Baningi abathi: “Ngubani ozosibonisa okuhle na? Jehova, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


Manje izindlebe zakho mazilalele, uvule amehlo akho, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwuthandaza manje phambi kwakho, imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli, izinceku zakho, nezono zabantwana bakwa-Israyeli. Singavuma, ukuthi sonile kuwe: mina nendlu kababa sonile.


Ngenxa yami, yebo, ngenxa yami, ngiyakukwenza; ngokuba igama lami lingangcoliswa kanjani na? futhi angiyikunika omunye udumo lwami.


Kepha lalela umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Jehova Nkulunkulu wami, ukuba uzwe ukukhala nomkhuleko inceku yakho ewukhulekayo phambi kwakho namuhla.


Ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho phakathi kwezizwe zonke.


Phakamiselani izinyawo zenu ezincithakalweni zaphakade; nakho konke isitha esikwenzileyo okubi endlini engcwele.


Jehova Nkulunkulu Sebawoti, koze kube nini uthukuthelela umkhuleko wabantu bakho na?


Walizwa izwi lami; ungafihli indlebe yakho ekuphefumuleni kwami, ekukhaleni kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite