Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 8:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kolunye lwazo kwaphuma uphondo oluncane, olwakhula lwaba lukhulu kakhulu, eningizimu, nasempumalanga, nasezweni elimnandi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, nangasempumalanga, nangasezweni elihle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, ngasempumalanga, nangasezweni elihle.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 8:9
12 Referans Kwoze  

Kodwa lowo oza ngokumelene naye uyokwenza njengentando yakhe, futhi akekho oyokuma phambi kwakhe; futhi uyokuma ezweni elikhazimulayo eliyoqedwa ngesandla sakhe.


Ngase ngibheka izimpondo, bheka, kwavela olunye uphondo phakathi kwazo, okwakukhona phambi kwezimpondo ezintathu kwezokuqala ezazisishuliwe izimpande zazo; bheka, kulolu phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.


Kepha nami ngabaphakamisela isandla sami ehlane, ukuthi angiyikubangenisa ezweni engabanika lona, elichichima ubisi nezinyosi, elikhazimulayo emazweni onke;


mhla ngibaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe ngibayise ezweni engangibabonele lona, elichichima ubisi nezinyosi, eliwudumo lwamazwe onke.


Inhle endaweni, intokozo yomhlaba wonke, intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu.


Kodwa ngabahlakaza ngesivunguvungu phakathi kwezizwe zonke ababengazazi. Izwe laliyihlane emva kwabo, okungangadluli muntu kulo, kungabuyi muntu, ngokuba benza izwe elihle laba yihlane.


Empahleni yakhe kuyakuvela umuntu odelelayo, abangayikumnika udumo lombuso; kodwa uyongena ngokuthula futhi azuze ubukhosi ngokuthopha.


Kodwa ngathi: Ngizakubeka njani phakathi kwabantwana, ngikunike ilizwe elihle, ilifa elihle elivela emaviyweni ezizwe? futhi ngathi: Kumelwe ningibize ngokuthi ubaba; njalo kayikusuka kimi.


Wabandisa kakhulu abantu bakhe; wabenza baba namandla kunezitha zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite