Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 7:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngasondela komunye wababemi khona, ngambuza iqiniso lakho konke lokhu. Kanjalo wangitshela futhi wangazisa incazelo yezinto.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngasondela komunye wababemi khona, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngasondela komunye wababemi lapho, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 7:16
14 Referans Kwoze  

Omunye wamalunga wathi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo eziyisikhombisa.


Bheka, ingelosi eyayikhuluma nami yaphuma, nenye ingelosi yaphuma ukuyihlangabeza;


Kwaphuma umfula womlilo, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zezinkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi phambi kwakhe; ukwahlulela kwamiswa, nezincwadi zavulwa.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Uma nihamba ezindleleni zami, nilalela imiyalo yami, niyakwahlulela indlu yami, nilonde amagceke ami, ngininike izindawo zokuhamba phakathi kwalabo abami khona.


Yangitshela, yakhuluma kimi, yathi: “Daniyeli, ngiphumile manje ukukunika ukuqonda nokuqondisisa.


Lezi zilo ezinkulu ezine zingamakhosi amane ayakuvela emhlabeni.


Wayesesondela lapho ngangimi khona, lapho efika, ngesaba, ngawa ngobuso; kodwa wathi kimi: Qonda, ndodana yomuntu, ngoba kuzakuba khona isikhathi sokuphela.


Ngathi engelosini eyayikhuluma nami: “Kuyini lokhu na? Yasingiphendula yathi: Lezi ziyizimpondo ezahlakaza uJuda, uIsrayeli leJerusalema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite