Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 6:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Khona-ke inkosi yajabula kakhulu ngaye, yayala ukuba bamkhiphe uDaniyeli emgodini. UDaniyeli wakhishwa emgodini, akwafunyanwa ububi kuye, ngokuba wayekholwa kuNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Yayisijabula kakhulu inkosi, yayaleza ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa emphandwini, akufunyanwanga mcothu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Inkosi yajabula kakhulu, yayala ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa kuwo, akutholakalanga myocu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 6:23
18 Referans Kwoze  

Basizwa phezu kwabo, amaHagari anikelwa esandleni sabo nabo bonke ababe nabo; ngoba babethembele kuye.


Waphendula wathi: “Bheka, ngibona amadoda amane ehamba phakathi komlilo, awalimalanga; nesimo sesine sinjengeNdodana kaNkulunkulu.


UJesu wathi kuye: “Uma ukholwa, zonke izinto zingenzeka kokholwayo.


Inkosi yayisingena endlini yayo, yachitha ubusuku izila ukudla; alethwanga izinsimbi zomculo phambi kwakhe, ubuthongo bakhe bamuka kuye.


Uzamlondoloza omicabango yakhe ihlezi phezu kwakho ngokuthula okupheleleyo, ngoba uthembele kuwe.


Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Futhi uJehova uyobasiza futhi abasindise; Uyobasindisa kwababi futhi abasindise, ngoba bethembele kuye.


Bavuka ekuseni kakhulu, basuka baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo, uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda, nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.


abathi ngokholo banqoba imibuso, benza ukulunga, bazuza izithembiso, bavala imilomo yezingonyama;


Lapho inkosi isizwa lawa mazwi, yathukuthela kakhulu, yabeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule; wasebenza kwaze kwashona ilanga ukumkhulula.


UHiramu esezwile amazwi kaSolomoni wathokoza kakhulu, wathi: “Makabongwe uJehova namuhla omnike uDavide indodana ehlakaniphileyo phezu kwalesi sizwe esikhulu.


UJetiro wajabula ngakho konke okuhle uJehova ayekwenzile ku-Israyeli, eyayimsindisile esandleni sabaseGibhithe.


Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu osikhonzayo angasikhulula esithandweni somlilo ovuthayo, asikhulule esandleni sakho, nkosi.


Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angisukanga kuNkulunkulu wami ngobubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite