Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 3:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 UNebukadinesari wayala ngokuthukuthela nangokufutheka ukuba kulethwe oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego. Base beletha lawa madoda phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Khona uNebukadinesari wayaleza ngolaka nangokufutheka ukuba kulethwe oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego. Base beletha lawo madoda phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Khona uNebukhadinezari wayaleza egcwele ulaka nentukuthelo, wayaleza ukuba kulethwe uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego. Alethwa-ke lawo madoda phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 3:13
15 Referans Kwoze  

Khona uNebukadinesari wagcwala intukuthelo, nesimo sobuso bakhe sashintsha kuShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego; ngakho-ke wakhuluma futhi wayala ukuthi isithando somlilo kufanele sibase ngokuphindwe kasikhombisa kunalokho esijwayele ukushiswa ngaso.


Ngakho inkosi yathukuthela, yathukuthela kakhulu, yasilaya ukuthi kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo beBhabhiloni.


Kwathi emva kwezinsuku ezithile wafika uFeliksi noDrusila umkakhe owayengumJudakazi, wabiza uPawulu, wamuzwa ngokukholwa kuKristu.


Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, baninikele emasinagogeni nasematilongweni, niyiswe phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.


Base begcwala ukuhlanya; basebekhulumisana bodwa ukuthi bangamenzani uJesu.


Kepha ziqapheleni nina, ngokuba bayakuninikela emikhandlwini; niyakushaywa emasinagogeni, niyiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.


Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.


Umuntu onolaka uvusa ukuxabana, nomuntu onolaka uvame ukuphambuka.


Itshe linzima nesihlabathi; kepha ulaka lwesiwula lunzima kunazo zombili.


Umuntu makahlangabeze ibhere elilahlekelwe amawundlu alo kunesiwula ebuwula baso.


Kodwa akazange amnake uKhayini nomhlatshelo wakhe. UKayini wathukuthela kakhulu, ubuso bakhe bawa.


Induna yabathenwa yabaqamba amagama, ngokuba yaqamba uDaniyeli ngokuthi uBelitshasari; noHananiya kaShadiraki; noMishayeli kaMeshaki; no-Azariya, ku-Abhedinego.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite