Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari: “Ungangazisa yini iphupho engilibonile kanye nencazelo yalo na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari: “Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazo yalo na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBhelitheshazari: “Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazelo yalo na?”

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:26
9 Referans Kwoze  

Induna yabathenwa yabaqamba amagama, ngokuba yaqamba uDaniyeli ngokuthi uBelitshasari; noHananiya kaShadiraki; noMishayeli kaMeshaki; no-Azariya, ku-Abhedinego.


Futhi ngizwile ngawe ukuthi ungakwazi ukuchaza futhi uxazulule ukungabaza; manje uma ukwazi ukuwufunda umbhalo, ungazise incazelo yawo, wembathiswe okubomvu, ufake neketanga legolide entanyeni yakho, ube ngowesithathu embusweni.


Ngokuba umoya omuhle kakhulu, nokwazi, nokuqondisisa, nokuchaza amaphupho, nokumemezela izahlulelo ezilukhuni, nokususa imibuzo kuDaniyeli lowo inkosi eyambiza uBeliteshasari; makukhulunywe ngaye uDaniyeli, aveze incazelo.


Kepha ekugcineni wangena phambi kwami uDaniyeli ogama lakhe lalinguBelitshasari njengegama likankulunkulu wami, okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ngalandisa iphupho phambi kwakhe, ngathi:


USawule wayesethi kuDavide: “Awunakwenyuka ukulwa nalo mFilisti, ngokuba wena uyinsizwa, kepha yena uyindoda yempi kwasebusheni bakhe.


UFaro wayesethi kuJosefa: “Ngiphuphe iphupho, akakho ongalichaza; futhi ngizwile uthi uyakwazi ukuqonda iphupho ukuze ulichaze.


Ngomnyaka wokuqala kaBelishasari inkosi yaseBabele uDaniyeli waba nephupho nemibono yekhanda lakhe embhedeni wakhe; wayesebhala phansi iphupho, walandisa ingqikithi yezindaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite