Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 2:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Futhi kuyivelakancane into efunwa yinkosi, futhi akekho omunye ongayibonisa phambi kwenkosi, ngaphandle konkulunkulu abakhaya labo lingekho nenyama.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Futhi kuyinto elukhuni eyifunayo inkosi, kakho omunye ongayibonisa phambi kwenkosi ngaphandle kwawonkulunkulu abangahlali nabasenyameni.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Futhi kuyinto elukhuni eyifunayo inkosi, akekho omunye ongayembula phambi kwenkosi ngaphandle kwawonkulunkulu abangahlali nabasenyameni.”

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 2:11
25 Referans Kwoze  

Kukhona indoda embusweni wakho onomoya wawonkulunkulu abangcwele; nasemihleni kayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha konkulunkulu; owabeka inkosi, uyihlo uNebukadinesari, inkosi, ngithi uyihlo abe yinkosi yabathakathi, nabathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola;


Futhi linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? ngokuba nina niyithempeli likaNkulunkulu ophilayo; njengalokhu uNkulunkulu eshilo ukuthi: Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngizakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda;


UMoya weqiniso; izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi, kepha nina niyamazi; ngokuba uhlala nani, futhi ukini.


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Kodwa uJesu wabakhangela wathi kubo: Kubantu lokhu kakwenzeki; kodwa kuNkulunkulu zonke izinto ziyenzeka.


Ngokuba usho kanje oPhezukonke, ohlala phakade, ogama lakhe lingcwele; ngihlala phezulu nasendlini engcwele, ngikanye nabadabukileyo komoya othobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, ngivuselele inhliziyo yabadabukileyo.


Ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngibe nguNkulunkulu kubo.


UFaro wayesethi kuJosefa: “Ngokuba uNkulunkulu ukubonisile konke lokhu, akakho ohlakaniphileyo nohlakaniphe njengawe;


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo.


Ngokuba ngiyakulihlanza igazi labo engingalihlanzanga, ngokuba uJehova uhlala eSiyoni.


Bhekani, mina nabantwana uJehova anginike bona siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli ezivela kuJehova Sebawoti ohlezi entabeni yaseSiyoni.


Lokhu kuyindawo yami yokuphumula kuze kube phakade; ngoba ngangifisa.


Wenyukela ezindaweni eziphakemeyo, wathumba abathunjwa; ukwamukela abantu izipho; yebo, nakwabahlubukayo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale phakathi kwabo.


Kodwa ingabe ngempela uNkulunkulu uyohlala nabantu emhlabeni? bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo!


Kodwa ingabe uNkulunkulu uzophila ngempela emhlabeni? bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo?


Ngakho lingangcolisi ilizwe elizahlala kulo, engihlala kulo, ngoba mina Nkosi ngihlezi phakathi kwabantwana bakoIsrayeli.


Zase zithi izanusi kuFaro: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu; njengokutsho kweNkosi.


Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathumela wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zakhe zonke; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha kwakungekho noyedwa ongamchazela uFaro.


Manje sukuma kanye nemilingo yakho nobuningi bobuthakathi bakho oye wakhathala ngabo kwasebusheni bakho; uma kunjalo, uzokwazi ukuzuza, uma kunjalo, unganqoba.


Mina, Nebhukhadinezari, ngahlala endlini yami, ngaphumelela esigodlweni sami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite