Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 12:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Labahlakaniphileyo bayakukhanya njengokubenyezela komkhathi; nalabo abaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 12:3
27 Referans Kwoze  

Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe zokuzwa makezwe.


Kodwa indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhazimulayo okuqhubeka kukhanya njalo kuze kube semini enkulu.


Abahlakaniphileyo phakathi kwezizwe bayofundisa abaningi, kodwa bayokuwa izinsuku eziningi ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa nangokuphanga.


Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukubavivinya, abahlambulule, abenze mhlophe kuze kube yisikhathi sokuphela, ngokuba kusengokwesikhathi esimisiweyo.


Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila; nozuza imiphefumulo uhlakaniphile.


Ngokuba nakuba benifanele ukuba ngabafundisi, kuze kube manje, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zamazwi kaNkulunkulu; seniba njengabadinga ubisi, hhayi okokudla okuqinileyo.


Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo, nina-ke nathanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.


Ovunayo wemukela inkokhelo, abuthe isithelo ekuphileni okuphakade, ukuze ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo.


Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengomakhi ohlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kodwa yilowo nalowo makaqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.


Kodwa uma bebemile ekululekeni kwami futhi bavumele abantu bami bezwe amazwi ami, khona-ke ngabe baphendukile endleleni yabo embi nasebubini bezenzo zabo.


Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide. Izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.


Nithi ukubekezela kweNkosi yethu kuyinsindiso; njengoba laye umzalwane wethu othandekayo uPawuli ekulobela kwakhe ngokuhlakanipha akunikwayo;


Wapha abanye ukuthi babe ngabaphostoli; labanye abaprofethi; labanye, abavangeli; labanye bangabelusi labafundisi;


Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na?


UJesu wasesithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Lina elingilandelayo, ekuzalweni kutsha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, lani lizahlala ezihlalweni zobukhosi ezilitshumi lambili, lahlulele izizwe ezilitshumi lambili zakoIsrayeli.


Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni abaprofethi nabafundisi; njengoBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki, noSawulu.


Abahlakaniphileyo bayakudla ifa lodumo, kepha iziwula ziyihlazo.


Uyobona umshikashika womphefumulo wakhe, asuthe; ngokwazi kwakhe uyakuyenza inceku yami elungileyo ilunge kakhulu; ngokuba uyakuthwala ububi babo.


Abaningi bayakuhlanjululwa, benziwe mhlophe, bacwengisiswe; kepha ababi bayakwenza okubi; futhi akukho noyedwa omubi oyoqonda; kepha abahlakaniphileyo bayakuqonda.


Lapho abantwana bakwa-Israyeli bebona ubuso bukaMose, ukuthi isikhumba sobuso bukaMose sasikhazimula; uMose wabuye wafaka iveli ebusweni bakhe, waze wangena ukukhuluma naye.


Mazibhubhe zonke izitha zakho, Jehova, kepha abamthandayo mababe njengelanga lapho liphuma ngamandla alo. Izwe laphumula iminyaka engamashumi amane.


Futhi phezu kwalokho, ngenxa yokuthi umshumayeli wayehlakaniphile, waqhubeka efundisa abantu ulwazi; yebo, wacabangisisa, waphenya, walungisa amazwi amaningi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite