Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 12:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 “Ngaleso sikhathi uMikayeli uyasukuma, isikhulu esikhulu esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba khona isikhathi sosizi esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; futhi ngaleso sikhathi abantu bakho bayosindiswa, bonke abayolotshwa encwadini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Ngaleso sikhathi uyakuvela uMikhayeli, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi. Ngalezo zinsuku abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 12:1
48 Referans Kwoze  

awu! ngoba lolo suku lukhulu, kangangokuthi alukho olunjengalo; kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe; kodwa uyakukhululwa kuyo.


Ngokuba ngaleso sikhathi kuyakuba-khona usizi olukhulu, olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje, nolungasayikuba khona.


Ngokuba ngalezo zinsuku kuyakuba-khona usizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudala akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona.


Kepha umbusi wombuso wasePheresiya wamelana nami izinsuku ezingamashumi amabili nanye; kodwa bheka, uMikayeli, omunye wezikhulu, ufikile ukungisiza; ngahlala lapho namakhosi asePheresiya.


Kodwa ngizalitshengisa okuphawulwe emibhalweni yeqiniso; futhi akekho ongibambele kulezi zinto, ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.


Kwaba khona impi ezulwini: UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako; nodrako walwa nezingelosi zakhe;


Noma ngubani ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo.


Ngabona abafileyo, abancane nabakhulu, bemi phambi kukaNkulunkulu; izincwadi zavulwa, nenye incwadi yavulwa, eyincwadi yokuphila; abafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Onqobayo uyakwembathiswa izingubo ezimhlophe; futhi ngeke ngilesule igama lakhe encwadini yokuphila, kodwa ngiyolivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.


Leha ho le jwalo, le se ke la thabela hoo, ha meya e le tlasa lona; le mpe le thabe, hobane mabitso a lona a ngodilwe lehodimong.


Futhi wawaqinisa amazwi akhe awakhuluma ngokumelene nathi nabahluleli bethu ababesiqondisa ngokuletha inhlekelele enkulu phezu kwethu, ngoba ngaphansi kwalo lonke izulu akuzange kwenzeke njengaseJerusalema.


Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.


nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.


Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ebambene noSathane bephikisana ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokumbeka icala lokuthuka, kodwa wathi: “INkosi mayikukhuze.


Ngiyakuncenga-ke nawe sithandwa sami esiqotho, ukuthi usize labo besifazane abashikashikeka kanye nami evangelini, kanye noKlemente, nezinye izisebenzi kanye nami, abamagama abo asencwadini yokuphila.


phezu kwabo bonke ubukhosi, lamandla, lamandla, lobukhosi, lalo lonke ibizo elibizwayo, kungeyisikho kulomhlaba kuphela, kodwa lakulowo ozayo;


Ngokunjalo wonke uIsrayeli uyakusindiswa, njengokulotshiweyo ukuthi: Kuzavela eSiyoni uMkhululi, asuse ukungahloniphi uNkulunkulu kuJakobe;


Isandla sami siyakuba phezu kwabaprofethi ababona okuyize namanga; Israyeli; nizokwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.


Ukwanda kokubusa nokuthula akuyikuphela, esihlalweni sobukhosi sikaDavide naphezu kombuso wakhe, ukuze umiswe futhi uqiniswe ngokulunga nangobulungisa kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakukwenza.


Kuyothi labo abasele eSiyoni, nalabo abasele eJerusalema bayobizwa ngokuthi bangcwele, wonke umuntu olotshwe phakathi kwabaphilayo eJerusalema.


Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.


Ukuzulazula kwami uyakubona, uthi: Thela izinyembezi zami embizeni yakho; ayikho encwadini yakho?


Laba bayakulwa neWundlu, kepha iWundlu liyakubanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi, neNkosi yamakhosi;


Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kungukubuyiswa komhlaba, ukwamukelwa kwabo kuyakuba yini, uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na?


Iyakutshala izindlwana zendlu yayo phakathi kolwandle entabeni engcwele yenkazimulo; nokho iyofika ekupheleni kwayo, futhi akekho oyoyisiza.


Mina, Jehova, ngiyoba nguNkulunkulu wazo, nenceku yami uDavide ibe yisikhulu phakathi kwazo; mina Jehova ngikukhulumile.


Ngathi kuye: Nkosi, nguwe owaziyo. Yathi kimi: Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Ngiyakwenza kuwe lokho engingakwenzanga, nengingayikuphinda ngenze into enjalo, ngenxa yazo zonke izinengiso zakho.


Kwaphuma umfula womlilo, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zezinkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi phambi kwakhe; ukwahlulela kwamiswa, nezincwadi zavulwa.


usuku lobumnyama nolobumnyama, usuku lwamafu nesigayegaye, njengokusa kwekweba phezu kwezintaba, abantu abakhulu nabanamandla; akukaze kube khona into enjalo, futhi ayisayikuba khona kuze kube yiminyaka yezizukulwane eziningi.


Abamesabayo uJehova bakhulumisana bodwa;


Ngakho-ke, ungesabi, nceku yami Jakobe, usho uJehova; ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakuhlenga usekude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, athule, akakho omesabisayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite