Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 11:33 - Contemporary Zulu Bible 2024

33 Abahlakaniphileyo phakathi kwezizwe bayofundisa abaningi, kodwa bayokuwa izinsuku eziningi ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa nangokuphanga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 “Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi; kepha bayakuwa ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

33 “Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi, kepha bayakuwa ngenkemba, ngelangabi, ngokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 11:33
29 Referans Kwoze  

Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.


Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.


Ngokuba izindebe zompristi kumelwe zigcine ulwazi, futhi kumelwe bafune umthetho emlonyeni wakhe, ngoba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


Ngabona owesifazane edakwe yigazi labangcwele, negazi labafakazi bakaJesu;


bacima amandla omlilo, baphunyuka obukhali benkemba, baqiniswa ebuthakathakeni, baba ngamaqhawe ekulweni, baxosha amabutho abezizwe.


Abaningi bayakuhlanjululwa, benziwe mhlophe, bacwengisiswe; kepha ababi bayakwenza okubi; futhi akukho noyedwa omubi oyoqonda; kepha abahlakaniphileyo bayakuqonda.


Ngathi kuye: Nkosi, nguwe owaziyo. Yathi kimi: Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Lapho livula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, lalapho ohlala khona, lalapho isihlalo sikaSathane sikhona; njalo ulibambile ibizo lami, kawuphikanga ukholo lwami, langalezonsuku uAntipasi engumfakazi wami othembekileyo, owabulawa phakathi kwenu, lapho uSathane ehlala khona.


Mina Johane, nongumfowenu, nomhlanganyeli wenu osizini, embusweni nasekubekezeleni kukaJesu Kristu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu Kristu.


Ngokuba mina sengizanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile.


Ngenxa yalokhu lami ngihlupheka ngalezizinto, kodwa kangilanhloni, ngoba ngiyamazi engikholiweyo, njalo ngiqinisekile ukuthi ulamandla okulondoloza lokho engikubeke kuye kuze kufike lolosuku.


Ngokuba ngithi uNkulunkulu usimisile thina baphostoli ekugcineni njengabamiselwe ukufa, ngokuba senziwe ukubukwa ezweni, nasezingelosini, nakubantu.


Kwathi sebeshumayele ivangeli kulowo muzi, sebefundise abaningi, babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya;


Esemtholile wamyisa e-Antiyokiya. Kwasekusithi umnyaka wonke babuthana ebandleni, bafundisa abantu abanengi. Futhi abafundi baqala ukubizwa ngokuthi amaKristu e-Antiyokiya.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.


Wathi kubo: “Impela nizakuphuza indebe yami, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina; kulabo abakulungiselweyo nguBaba.


Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.


Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite