Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 10:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngomnyaka wesithathu kaKoresi inkosi yasePheresiya kwembulelwa uDaniyeli ogama lakhe linguBeliteshasari; le ndaba yayiqinisile, kepha isikhathi esimisiwe sasiside; wayiqonda indaba, waqonda nombono.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngomnyaka wesithathu kaKoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBeliteshasari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ngonyaka wesithathu kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBhelitheshazari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 10:1
28 Referans Kwoze  

Umbono wokuhlwa nokusa okukhulunyiweyo uqinisile; ngoba kuzakuba yinsuku ezinengi.


Kanjalo uDaniyeli lo waba nempumelelo ekubuseni kukaDariyu nasekubuseni kukaKoresi umPheresiya.


UDaniyeli wahlala kwaze kwaba ngumnyaka wokuqala kaKoresi inkosi.


Induna yabathenwa yabaqamba amagama, ngokuba yaqamba uDaniyeli ngokuthi uBelitshasari; noHananiya kaShadiraki; noMishayeli kaMeshaki; no-Azariya, ku-Abhedinego.


Kepha laba bantwana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda kuyo yonke imfundo nokuhlakanipha; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


Yathi kimi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu. Yathi kimi: Lawa angamazwi kaNkulunkulu aqinisileyo.


Wathi: Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avaliwe, anamathelisiwe kuze kube yisikhathi sokuphela.


Kepha wena Daniyeli, thula amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokuphela; abaningi bayogijima baye le nale, futhi ulwazi luyokwanda.


Manje ngize ukuze ngikubonise okuzokwenzeka kubantu bakini ekupheleni kwezinsuku, ngoba nokho umbono ungowezinsuku eziningi.


UDaniyeli wayesephendula, wathi phambi kwenkosi: “Izipho zakho mazibe ngeyakho, nemivuzo yakho uyinike omunye; kepha ngiyakuyifundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo.


Uyaguqula izikhathi nezikhathi; ususa amakhosi, abeke amakhosi; Unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha nolwazi kwabakwaziyo ukuqonda.


Othi ngoKoresi: Ungumalusi wami; nasethempelini: Isisekelo sakho siyakubekwa.


Abadala bamaJuda basebesakha, baphumelela ngomprofethi kaHagayi umprofethi loZakariya indodana kaIdo. Bakha, baqeda njengomyalo kaNkulunkulu ka-Israyeli nanjengomyalo kaKoresi noDariyu no-Aritahishashita inkosi yasePheresiya.


Ngomnyaka wokuqala wenkosi uKoresi, inkosi uKoresi yakhipha umyalo ngendlu kaNkulunkulu eJerusalema, yathi: “Makwakhiwe indlu, indawo lapho bekuhlatshelwa khona imihlatshelo, zimiswe izisekelo zayo, ziqine; ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisithupha, nobubanzi bawo buyizingalo ezingamashumi ayisithupha;


Wabaqasha abeluleki ukuba bachithe icebo labo, zonke izinsuku zikaKoresi, inkosi yasePheresiya, kwaze kwaba sekubuseni kukaDariyu inkosi yasePheresiya.


Kepha oZerubabele noJeshuwa nezinye izinhloko zawoyise bakwa-Israyeli bathi kubo: “Anihlangene nathi ukwakhela uNkulunkulu wethu indlu; kepha thina ngokwethu siyakwakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ndawonye, njengalokho inkosi uKoresi inkosi yasePheresiya yasiyala.


Kwathi ngomnyaka wokuqala kaKoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kugcwaliseke izwi likaJehova elakhulunywa ngomlomo kaJeremiya, uJehova wavusa umoya kaKoresi inkosi yasePheresiya ukuba enze ithempeli. Isimemezelo embusweni wakhe wonke, futhi wasibhala, wathi:


Ngakho iphupho likaFaro laphindwa kabili; kungenxa yokuthi indaba inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uzoyenza maduzane.


Bheka, uyakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma, kuze kufike usuku okuyakwenzeka ngalo lokho, ngokuba ungakholwanga ngamazwi ami ayakugcwaliseka ngesikhathi sawo.


Manje ngizokutshela iqiniso. Bheka, kusayakuvela amakhosi amathathu ePheresiya; futhi owesine uyoceba kakhulu kunabo bonke, futhi ngamandla ayo ngengcebo yakhe uyovusa bonke bamelene nombuso waseGrisi.


Ngase ngizwa izwi lomuntu phakathi kwezingu-ma zase-Ulayi limemeza lithi: “Gabriyeli, lo muntu mawuqonde umbono.”


Ngokuba umoya omuhle kakhulu, nokwazi, nokuqondisisa, nokuchaza amaphupho, nokumemezela izahlulelo ezilukhuni, nokususa imibuzo kuDaniyeli lowo inkosi eyambiza uBeliteshasari; makukhulunywe ngaye uDaniyeli, aveze incazelo.


Kepha ekugcineni wangena phambi kwami uDaniyeli ogama lakhe lalinguBelitshasari njengegama likankulunkulu wami, okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ngalandisa iphupho phambi kwakhe, ngathi:


Banika abakhi nababazi imali; nokudla nokuphuza namafutha kwabaseSidoni nabaseTire ukuba balethe imisedari eLebanoni, bayiyise olwandle lwaseJopha, njengesipho esivela kuKoresi inkosi yasePheresiya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite