Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 1:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Induna yabathenwa yabaqamba amagama, ngokuba yaqamba uDaniyeli ngokuthi uBelitshasari; noHananiya kaShadiraki; noMishayeli kaMeshaki; no-Azariya, ku-Abhedinego.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Induna yabathenwa yabetha amagama; uDaniyeli yametha ngokuthi uBeliteshasari, noHananiya uShadiraki, noMishayeli uMeshaki, no-Azariya u-Abedi Nego.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Induna yabathenwa yabaqamba amagama; uDaniyeli yamqamba ngokuthi uBhelitheshazari, uHananiya waba nguShadiraki, uMishayeli waba nguMeshakhi, no-Azariya waba ngu-Abhedi Nego.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 1:7
13 Referans Kwoze  

Ngokuba umoya omuhle kakhulu, nokwazi, nokuqondisisa, nokuchaza amaphupho, nokumemezela izahlulelo ezilukhuni, nokususa imibuzo kuDaniyeli lowo inkosi eyambiza uBeliteshasari; makukhulunywe ngaye uDaniyeli, aveze incazelo.


Kepha ekugcineni wangena phambi kwami uDaniyeli ogama lakhe lalinguBelitshasari njengegama likankulunkulu wami, okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ngalandisa iphupho phambi kwakhe, ngathi:


UDaniyeli wayeseyicela enkosini, yabeka oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego phezu kwezindaba zesifunda saseBabele; kodwa uDaniyeli wayehlezi esangweni lenkosi.


Inkosi yasikhuluma ku-Aspenasi induna yabathenwa bakhe ukuthi alethe abanye babantwana bakoIsrayeli labenzalo yenkosi leyeziphathamandla;


Inkosi yaseBabele yabeka uMathaniya umfowabo kayise inkosi esikhundleni sakhe, yaguqula igama lakhe laba nguZedekiya.


UFaro Nego wabeka u-Eliyakimi, indodana kaJosiya, inkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waliguqula igama lakhe laba nguJoyakimi, wamsusa uJowahasi; wafika eGibithe, wafela khona.


Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari: “Ungangazisa yini iphupho engilibonile kanye nencazelo yalo na?”


UFaro waqamba igama likaJosefa ngokuthi, Safnati Phaneya; wamnika u-Asenati indodakazi kaPotifera, umpristi wase-Oni, abe ngumkakhe. UJosefa waphuma, waya ezweni lonke laseGibithe.


Inkosi yasikhuluma kubo; futhi phakathi kwabo bonke akutholakalanga owayenjengoDaniyeli, uHananiya, uMishayeli, no-Azariya; ngakho bema phambi kwenkosi.


Ngomnyaka wesithathu kaKoresi inkosi yasePheresiya kwembulelwa uDaniyeli ogama lakhe linguBeliteshasari; le ndaba yayiqinisile, kepha isikhathi esimisiwe sasiside; wayiqonda indaba, waqonda nombono.


Ngabona iphupho langethusa, nemicabango ngisembhedeni wami nobuso bekhanda lami bangethusa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite