Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umuhle njengeJerusalema, wesabeka njengebutho eliphethe amabhanela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Sithandwa sami, umuhle njengeThirisa, uyabukeka njengeJerusalema, uyahlonipheka njengempi.

Gade chapit la Kopi




IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:4
21 Referans Kwoze  

Ngubani lo obonakala njengokusa, emuhle njengenyanga, ekhanya njengelanga, owesabekayo njengebutho eliphethe amabhanela?


Inhle endaweni, intokozo yomhlaba wonke, intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu.


UmkaJerobowamu wayesesuka, wahamba, wafika eTirisa; lapho efika embundwini womnyango, umntwana wafa;


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.


Bonke abadlulayo bashaya ihlombe; bashaya ikhwelo, benqekuzisa amakhanda endodakazini yaseJerusalema, bathi: “Yiwo lo muzi abantu abawubiza ngokuthi ngobuhle obuphelele, intokozo yomhlaba wonke na?


Umuhle wonke, sithandwa sami; akukho ndawo kuwe.


Juba lami elisemifantwini yedwala, ekusithekeni kwezitebhisi, mangibone ubuso bakho, ngizwe ilizwi lakho; ngokuba limnandi izwi lakho, nobuso bakho buhle.


EZiyoni, ubuhle obuphelele, uNkulunkulu wakhanya.


ukuze azimise phambi kwakhe ibandla elinenkazimulo, elingenasisihla, noma umbimbi, nanto enjalo; kodwa ukuthi libe ngcwele njalo lingelasici.


(Ngokuba izikhali zempi yethu azisizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba;)


Ngalolo suku ngiyakwenza iJerusalema libe yitshe elinzima kubo bonke abantu;


Ngiyalala, kepha inhliziyo yami iyaphaphama; yizwi lothandiweyo wami engqongqotha, ethi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo nezihluthulelo zami ngamathonsi. Kwasebusuku.


Bheka, umuhle, sithandwa sami; bheka, umuhle; unamehlo ejuba.


Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni.


Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha indodana ka-Ahiya waba yinkosi phezu kuka-Israyeli wonke eTirisa, iminyaka engamashumi amabili nane.


Kwathi uBahasha ekuzwa lokho wayeka ukwakha iRama, wahlala eTirisa.


UNkulunkulu waziwa ezindlini zayo zobukhosi njengendawo yokuphephela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite